30/05/2026
*ISAZISO SOMPHAKATHI WASE-CORONATION, NKONGOLWANE AND CLIFFIDALE:*
Umphakathi uyaziswa ngokuphazamiseka kokuphakelwa kwamanzi ngendlela eyejwayelekile, ngenxa yomonakalo nokulungiswa kwepump eCoronation Water Treatment. Ngakhoke, ithimba lethu elisebenza ngamanzi limatasa nokulungisa nokuzothi uma seliqedile bese liqala nokugcwalisa amanzi kwiSigcinamanzi nokuyothi uma sesigcwele bese ukuphakelwa kwamanzi ngendlela eyejwayelekile.
Siyaxolisa ngokuphazamiseka okudalekile. Izimoto eziletha amanzi emphakathini sezihleliwe ngononina ukusabalalisa amanzi emphakathini. Umphakathi sizowazisa futhi uma sekulungisekile.
Siyabonga Kakhulu ngokuqonda lesisimo esibhekene naso, kanye nokusibekezelela ithimba lethu lisalungisa isimo ukuze sibuyele kwesejwayelekile.
Siyathobeka,
UMasipala waBaQulusi