02/06/2026
INKULUMO KAMHLONISHWA UMEYA UKHANSELA WILSON NTSHANGASE KUMGUBHO WESONTO LOKUVIKELWA KWEZINGANE NEMVELO EMHLABENI
Yethulwe u Khansela uSimphiwe Siwela onguSihlalo we Portfolio yakwa Community Services.
MDUMELA HIGH SCHOOL WARD 1 02 JUNE 2026 10H00
Mphathi WoHlelo, uMfundisi osivulele ngomkhuleko, Abantwana baseNdlunkulu abakhona, Ubukhosi besizwe sakwaButhelezi, uSekela Meya kuMasipala wasOlundi uCllr uMadela, uSomlomo woMkhandlu uCllr uButhelezi, Ikhansela lesiWard uCllr uMthethwa , Amakhansela kaMasipala akhona phakathi kwethu, iMenenja kaMasipala uMnu uKhomo, Izinhloko zeminyango ezikhona, Abasebenzi bonke bakaMasipala , Umphakathi wonke walapha eMdumela , Sanibonani.
Kuyintokozo enkulu namahlanje ukuba sihlangane lapha kanje ngenhloso yokuzogubha isonto lokuqwashisa ngokuvikelwa kwezingane kanye nemvelo. INingizimu Afrika yonke kusuka ngomhlaka 29 May kuya ku 05 June kubungazwa leliSonto ngaphansi kwesiqubulo esithi “Working together in ending violence against Children,” nokuhunyushwa ngokuthi “Ngokusebezisana Sisonke ekuqedeni udlame olubhekiswe ezinganeni”.
Ngithemba ukuthi sonke ngoba silapha sinazo izingane emakhaya noma kwamakhelwane wakho. Lokhu kuwuphawu lokuthi sonke lapha umuntu ngamunye ngamunye unesibopho nejoka emahlombe lokuthi lezingane sizikhulise ngendlela sizinakekele kwazise ziyikusasa Lethu kwanye nesizwe sonke.
Njengoba kushiwo Bakwethu asibambisaneni sisebenzisane siqede udlame olubhekiswe ezinganeni. Asingavumi ukuthula uma sibona izingane zihlukumezeka noma ngaluphi uhlobo. Ingane asikhulise izingane zethu ngendlela sizithande , sizikhuze uma zingenzi kahle.
Sikhule thina emakhaya kuhlonishwa kwaziswana omdala nomncane eyazi indawo yakhe. Nginethemba elikhulu nalapha eMdumela nisakukhuthaza lokhu emakhaya . Kunemiga esesinokuyibona esikhathi esesiphila kuso kuthiwe khona ingane eduba ikhaya ngenxa yokuthi ithethisiwe unina noma uyise iqoke ukuyohlala phansi kwama Bridge. Uma kuwukuthi leyongane ihanjiswe ukuthi kade ithethiswa ekhaya yase iqoka ukuyohlala kwamayiphathe ngiyakuqinisekisa ukuthi ikusasa laleyongane lisuke selishabalele.
Thina sikhulu lapho ingane besazi ukuthi ingeyomphakathi wonke, uthunywa , uma itholakale isephutheni ikhuzwe ngendlela eyakho nomzali wayo ahlala nayo egcekeni ebengafika ayenze khona uma eyithole ikulelo phutha. Bekukancane thina siqondiswa igwegwe Ilunga lomphakathi bese ugijima uyosho ekhaya ukuthin ushaywe uBaba noma uMama wakwa sibanibani.
Lamazwi ngiwabhekise kakhulu kini zingane zami ukuze n**i ukuthi nisibona lapha sikhuluma phambi kwenu akwehlanga iMana ezulwini kepha kwaba ukuhlonipha abantu abadala, othisha kanye nawo wonke umuntu ophilayo emhlabeni.
Namhlanje ke zingane zami uMasipala wasOlundi uqoke lendawo yalapha eMdumela esikoleni senu ukuze sizotshala lembewu eyovunwa yini ngelinye ilanga seningo Dokotela , oThisha, Amanesi kusasa. Konke lokhu kuqala lapha ekutheni umuntu enze kahle , afunde , ahloniphe , akhuzeke.
Bantabami ngiyethemba nani niyasibona isikhathi esesiphila ngaphansi kwaso. Yonke into manje iyashasha ukuthi isheshela ukuthi iphuthumaphi nathi asazi. Sizoninxusa ke namhlanje ukuthi musani ukujaha izinto ezisheshayo eningasazi isiphetho sazo yini. Impilo isincike ekutheni wena isiphi isinqumo sakho ozithathela sonke akusafani nakuqala lapho wawuphoqelelwa ukuthi wenze lokhu okufunwa abazali bakho.
Mphathi woHlelo siphila esikhathini esibi salamafoni awumbulalazwe. Izingane sezikholwa kakhulu yinto ezibuka emafonini okudlula lena eshiwo abazali bazo. Ingane ayisaneliswa yilokhu ekuphiwa ekhaya ngoba ihalela okwalokhu omunye ekubone ekufakile efonini yakhe bese naye eyakufuna. Imizi ayifani khona enakho nengenakho. Ngisakholelwa ukuthi uma ingane ingemukela lokho ekutholayo ngaleso sikhathi ngeke sizithole sesizwa izigameko esinokuzizwa ukuthi ingane izikhunge ngentambo ngoba nakhu abazali bayo benqabe ukuyithengele I (I-phone) cellphone.
LAPHA NGEZANSI IZINOMBOLO ZOKUSHAYELWA UMA UFUNA UKUBIKA IZIGAMEKO ZOKUHLUKUMEZA
Childline South Africa 24/7 Crisis Counselling & Support - 116
GBV Command Centre Gender-Based Violence Intervention - 0800 428 428
SAPS Emergency Services Immediate Physical Danger & Crime Reporting - 10111
Department of Social
Development Statutory Reporting & Social Work Services - 0800 220 250
USUKU LWEZEMVELO
Usuku I, World Environment Day lugujwa umhlaba wonke njalo NgoMhlaka 05 June. Isiqubulo salonyaka (2026) sithi ”Inspired by Nature. For Climate. For Our Future”, esingakuhumusha sithi “Sikhuthazwa Imvelo — Sisebenzela Isimo Sezulu — Ngenxa yekusasa Lethu.””.
Lolusuku luhlanganisa,ukunakekelwa kwemvelo okunhlobonhlobo, njengokutshalwa kwezihlahla zendabuko, ukulwisana nezitshalo zokufika, ukuqoqwa kwemfucuza, ukuvikelwa kwamaxhaphozi, imifula, ulwandle nakho konke okunomthelela omuhle emvelweni ukuyigcina inozinzo.
IZINJONGO ZOKUGUBHA LOLUSUKU:
• Ukufundisana sikhumbuzane ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo nezindlela esingazisebenzisa ukulungisa lapho sekonakele khona.
• Ukuthuthukisa ulwazi ngokubaluleka kokuhlala ezindaweni ezihlanzekile.
• Ukufundisa abantu ngokubaluleka kokutshala izihlahla zendabuko emakhaya kanye nasezindaweni zomphakathi ezihlanganisa (Amahholo, amapaki, izindawo zokungcebeleka, izindawo zokusebenza, izikole njalonjalo).
• Ukumelana noku shabalala kwemvelo ngokuxhumaxhumana kwayo (Biodiversity). Ukuphazamiseka kwe-Biodiversity kwandisa izizinda eziningi zezimila kanye nezilwanyana eziwosomathuba, okuholela nasemagciwane anobungozi adala izifo ezazingekho emandulo.
Sifanelwe sonke ukuqaphela ukuthi izenzo zethu aziwulimazi lo mhlaba owodwa esiphila kuwo. Njengohulumeni sinomthwalo wokushiya yonke eminye imisebenzi ngezikhathi ezithile onyakeni siye emiphakathini sixwayisane ngokuphatha budedengu lokho okungamagugu ethu.
Ukuphatha kahle imvelo kunenkokhelo enkulu esho ukuthi umoya esizowuphefumula ikakhulukazi uhlanzeke kangakanani awungcolanga (air pollution). Lokhu kuyingxenye enkulu ehambisana nezinhlelo zokugcina umhlaba usesimweni esihle, singawuyekeleli ukuthi ube nomthelela omubi ekuguquguqukeni kwesimo sezulu (Climate change)
Ukuguquguquka kwezulu I (Climate Change)
Kusukela endulo, abantu emhlabeni wonke sebeke bahlangabezana nemiphumela yesimo sezulu esedlulele, ngezishingishane, isomiso, izimvula ezinkulu, ukubanda okwedlulele noma ukushisa okwedlulele.
Singabantu sesikhinyabezeke kakhulu ngenxa yalezi zigameko lapho sibhekana nezikhukhula, udaka olugqibanayo, kanye nokuntuleka kokudla, ukucekeleka phansi kwemizi kanye nokulahleka kwemiphefumulo. Ukuhlangana kwethu namuhla kuyenye yezindlela zokulwisana nesimo sokuguquguquka kwe zulu
Ngiyathokoza.