28/05/2026
UNGQONGQOSHE UHLABISA UHAMBELE UMBUTHANO WOMKHULEKO WABESIFAZANE E-MSINGA
UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, ophinde abe uMogameli weqembu leIFP uMnu Velenkosini Hlabisa, namuhla uhlanganyele nezinkulungwane zabesifazane emhlanganweni
womkhuleko wabesifazane bezifunda ezahlukene obuhlelwe yiBandla iThe Twelve Apostles Church in Trinity, ngaphansi kwesifunda saseGreytown, eMhlakothi Sports Ground eMsinga.
Lo mhlangano uthathe izinsuku ezintathu, uqale mhla ka26 kuya-28 kuNhlaba 2026, uhlanganise abesifazane abangaphezu kwezinkulungwane eziyishumi abavela ezifundeni ezahlukene zebandla. UNgqongqoshe Hlabisa uhambele usuku lokuvala lomkhuleko namhlanje, ehambisana neMeya yesiFunda sase-uMzinyathi, uCrll T.H. Mchunu, iMeya yoMkhandlu waseMsinga uCllr Dr FJ Sikhakhane iMeya yaseEndumeni, uCllr A.M. Mkhize, kanye namakhansela.
Ekhuluma nebandla, uNgqongqoshe Hlabisa uncome abesifazane ngokukhuthazeka
kwabo, ubuholi, uzwelo, kanye nokuzinikela kwabo ekwakheni isizwe. Ugcizelele ukuthi abesifazane bayinsika yomphakathi futhi banamandla okwakha umphakathi oncono
“Yonke into esekelwa owesifazane iyaphumelela,” kusho uNgqongqoshe Hlabisa, egqamisa amandla abesifazane ekuqiniseni imindeni, ekuphakamiseni imiphakathi nasekuletheni intuthuko esimeme ezinhlanganweni nasemphakathini.
UNgqongqoshe uphinde wakhuthaza amantombazane asemancane ukuthi alwele amathuba obuholi ngokuzethemba nangokuzimisela, ebakhumbuza ukuthi nawo ayakwazi ukubamba izikhundla eziphezulu zokwenza izinqumo kuyo yonke imikhakha yomphakathi. uNgqongqoshe. ubuye waqhakambisa iqhaza elibalulekile elidlalwa izinhlangano zenkolo ekuqiniseni ubumbano emphakathini, ekuvuseleleni isimilo, ekuletheni ithemba nasekugcineni uzinzo emiphakathini ezweni lonke, njengoba amabandla eqhubeka nokuba yinsika yokuqondisa nokweseka abantu.
Lo mhlangano uphethe ngomkhuleko wokuthula, ubunye, ubuholi obuqhubekisela phambili intuthuko, kanye nokuqhubeka nokunikezwa amandla kwabesifazane ezweni lonke.