22/12/2025
ISIZULU SANGEMPELA
1. UMUNTU - uyabeletha.
2. INJA - iyanyelezela.
3. INKUKHU - iyachamusela.
4. INYONI - iyachamusela.
5. INKOMO - iyazala.
6. IKATI - liyephuka.
IMBEWU
1. YOTSHANI - inzala.
2. KAGWAYI - impoko.
3. YEMFE - izimba.
4. YEPENTSHISI - indumbuluzi.
5. YOMSENGE - ibhu.
IMBALI
1. YOMMBILA - intshakazo.
2. YAMABHULOMU - imbali.
3. YOTSHANI - impokwe.
4. YOTHANGA - isigola.
5. KABENDLE - isiphephane.
UHLOBO OLUTHILE LWEZINTO LUBEKWE NDAWONYE
1. IZINKOMO - umhlambi.
2. IZINDLU ZESIZULU - inxuluma.
3. AMADAKA - isitha.
4. IZINKAMBA - isicheme.
5. AMATSHE - isiqhoqho/isivivane.
6. AMAYADI - ibhele.
7. INGANGA - umciyo.
8. IMIKHONTO - ithala.
9. IMIZI YESILUNGU - idolobha.
10. ABANTU - iviyo/isixuku.
11. AMAVIYO - amabutho.
12. AMABUTHO - impi.
13. AMABALA - amabhadubhadu.
14. IZITHUNGO - inyanda.
INDAWO LAPHO KUHLALWA KHONA
1. IZINSIZWA NEZINTOMBI - ilawu.
2. INKOSIKAZI - indlunkulu.
3. INDODANA EPHATHA IZINDABA UYISE ENGEKHO - isizinda.
4. ABAPHANGI - umhhume.
5. AMATHOLE/AMANKONYANE - isihulungu.
6. INGULUBE - igoqo.
7. UMMBILA - ingobo/inqolobane/isilulu.
8. ISANGCOBE - emgodini.
9. INGANGA - isiduli.
10. UMUHLWA - umhome.
11. INYAMAZANE - isikhundla.
12. INYONI - isidleke.
13. IZINKUKHU - ihhoko.
14. IMBILA - esixhotsheni.
IZINYAWO
1. ZENKUKHU - amanqondo.
2. ZENYONI - amazipho.
3. ZEZILWANE EZINGENANZIPHO - izinselo.
4. ZEZILWANE EZINAMAZIPHO - izidladla.
ABANTWANA
1. BENKOSI - abantwana.
2. BOMUNTU PHAQA - izingane.
3. BENYONI - amaphuphu/amayoyo.
4. BENKUKHU - amatshwele.
5. BENJA - abandlwane.
6. BENYAMAZAME - izixhumo.
7. BENKOMO - amankonyane.
8. BOMIYANE - onoshobishobi.
9. BEDADA; BENTSHE; BEMPANGELE - amachwane.
10. BEMFENE - izijwana.
11. BEBHUBESI NENGWE - amawundlu
Please join WHATSAPP CHANNEL for free by using the link https://whatsapp.com/channel/0029VbASisT05MUmXpao9738
Please follow IsiZulu Ulimi LwaseKhaya
Thola ulwazi olukhulu ku Siyanda Mnculwane
Follow IsiZulu Ulimi LwaseKhaya's WhatsApp Channel. The channel provides extensive knowledge about Zulu culture, habits, myths, and history. It also aims to educate people about Zulu proverbs and emphasizes the importance of respect for children and humanity. Additionally, it teaches people what is considered acceptable and unacceptable within Zulu tribes.
However, the channel welcomes everyone. Whether you're Xhosa, Tswana, Swati, or from any other culture, you're welcome and considered a valued follower. We're delighted to have you here. Extensive knowledge is for everyone, regardless of culture. Anyone willing to learn about other cultures shouldn't be deprived of that right. We recognize and appreciate everyone's curiosity. Thanks for visiting the channel – you're welcome. Join 7.2K followers for the latest updates.