Isizulu siyaziqhenya ngaso

Isizulu siyaziqhenya ngaso Uma uzophosa iso lakho kuleli khasi usenhlanhleni enkulu yokuphumelela ngamalengiso.

Siyasizana ngolimi lwethu lwebele lwesizulu.....uyafunda noma awufundi sizok'siza

17/05/2026

Ukusibonda sibe sinye

22/04/2026

Isoco

22/04/2026

Isilandiso:

ISilandiso ucezu lwenkulumo olunezingcezwana ezimbili okuyilezi ezilandelayo:

-Isenzo.
-Isibanjalo.

Isenzo:

Uma kukhulunywa ngesenzo kusuke kushiwo leyo ngxenye yomusho ekhomba ukwenza noma elandisayo ngalokho okusuke kwenziwa.

Izibonelo:

-Umfana ulima esivandeni. (Wenzani? Uyalima.)

-Abafundi bafunda iphephandaba. (Benzani? Bayafunda.)

Isizulu siyaziqhenya ngaso

22/04/2026

Ingcezu Yenkulumo

-IsiChasiso

Yigama elisichazela ngobunjalo buka Sobizo. Isichasiso sinezingxenye ezine ngaphansi kwazo. N**i ezimbili zazo:

Ongumnini : Lisitshela ngokuthi into ingekabani/yakhiwe ngani/
isetshenziselwani noma kuphi.

Inani : (-ni?, -nye, -phi?, -mbe).

Isibonelo Muntu muni ofike la?
Munye umuntu okhulume nami.

Isizulu siyaziqhenya ngaso

17/04/2026

Inkathi Eziphicaphicweni

Iziphicaphicwano zesiZulu zingahlukaniswa ngenkathi kanjena:

---Inkathi ngaphambi kokufika kwabelungu

Kukhona iziphicaphicwano eziphathelene nenkolelelo yamaZulu njenga lezi:

Isiphico: Izinyoni ezikhipha umfazi
ekhaya.

Impendulo: Izinsingizi

Kukhona lezo eziphathelene nezinto zesiZulu, njengalesi:

Isiphico: Ngomuntu wami ohlanza ngezimbambo.

Impendulo: ihluzo

-----Inkathi Yamanje

Lezi ziphicaphicwano zimayelana nezinto ezingamasiko aseNtshonalanga njengalesi:

Isiphico: Ngomuntu wami osuza kubaleke ingane.

Impendulo: isibhamu.

-----Iziphicaphicwano ezinomqondo omusha noma zingezintsha

Isiphico: Ngebhanoyi lami elindiza, lindize likhathale, bese lihlala bese likhumula izimpiko.

Impendulo: Inhlwa

-Z.W. Gule, A.M. Maphumulo, J.J. Thwala 1993:28-29

Isizulu siyaziqhenya ngaso

Feleba Phakathwayo

09/04/2026

Isenzukuthi

09/04/2026

Isenzukuthu

Address

Richards Bay
3900

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Isizulu siyaziqhenya ngaso posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Isizulu siyaziqhenya ngaso:

Share

Category