10/06/2026
IMINYANGO KAHULUMENI EYAHLUKAHLUKENE NOMHLANGANO WOKUHLINZEKWA KWEZIDINGO ZOMPHAKATHI ESIZWENI SAKWANHLALWANE🟡🔵🟣
Namuhla, uMasipala Wesifunda SoGu, uholwa uKhansela Sikhumbuzo Mqadi ubeyingxenye yomhlangano wokuxhumana nomphakathi obubanjelwe eNkantolo Yendabuko yaseMfangisale ngaphansi kobuholi buka Nkosi Cele, ngenhloso yokwethula umbiko wokuhlinzekwa kwezidingo ngqangi emiphakathini yakwaNhlwalane.
Lo mhlangano ubuhlanganise izinhlaka zikahulumeni ezahlukene okubalwa kuzo uMnyango WezokuThutha, uMnyango WezokuHlaliswa Kwabantu, uMnyango Wezemfundo kanye no-Eskom, lapho ngamunye enikeze khona umbiko ngenqubekelaphambili yezinhlelo namaphrojekthi athinta umphakathi.
Imihlangano yalolu hlobo ibalulekile ekwakheni ubudlelwano obuqinile phakathi kukahulumeni, ubuholi bendabuko kanye nomphakathi. Iphinde inikeze ithuba lokuthi izikhungo zikahulumeni zethule imibiko, ziphendule imibuzo futhi zilalele izikhalazo nezidingo zomphakathi.
Amalungu omphakathi anikezwe ithuba lokukhuluma ngokukhululeka, aveze izinselelo abhekene nazo futhi abuze imibuzo ngezinsiza ezahlukene. Lokhu kusiza ekutheni uhulumeni aqhubeke nokusebenza ngokusobala, ngokuziphendulela nangokubambisana nomphakathi ekuthuthukiseni impilo yabantu.
UMasipala Wesifunda SoGu uzibophezele ekuqhubekeni nokusebenzisana nobuholi bendabuko, iminyango kahulumeni kanye nemiphakathi ukuze kuthuthukiswe ukulethwa kwezinsiza nokuphuculwa kwezinga lempilo yabantu.
Siyabonga
uMasipala WoGu