Jubilee Senior Primary

Jubilee Senior Primary Jubilee Senior Primary is a Co-Ed school, situated at the Mariannhill Mission. The school offer Grades 4,5,6 and 7.

Bazali siyabingelelaNgaphambi kokuthi kuthengwe o-cricket nezingubo zika khisimusi, sithanda ukunikhumbuza nge stationer...
03/12/2025

Bazali siyabingelela

Ngaphambi kokuthi kuthengwe o-cricket nezingubo zika khisimusi, sithanda ukunikhumbuza nge stationery list yango 2026.

01/12/2025

Siyabingelela bazali
Besithanda ukun**isa ukuthi ama reports angaqala ukulandwa ngoLwesithathu (3 December) nango Lwesine (4 December) kulelisonto. Isikhathi sokuwalanda u-8:30 kuvalwe ngo 11:30.

Ngesonto elizayo angalandwa ngo Msombuluko (8 December) kuyaku Lwesithathu (10 December). Isikhathi sokuwalanda u-8:30 kuvalwe ngo 11:30.

Ngenxa yokubaluleka,i-report lilandwa umntwana noma umzali womntwana, sicela ningaphathisi.

Siyabonga ukusebenzisana okuhle nani

06/12/2023

Siyabingelela bazali.

Sithanda ukunikhumbuza ukuthi ama reports abantwana azotholakala ngomhlaka 08 December (Lwesihlanu) esikoleni,kusukela ngo 8h30 ekuseni.

19/07/2023

Mphakathi. Sithanda ukun**isa ukuthi sekuqaliwe ukubhaliswa kwabantwana abasha kwango 2024 (Grade 4 kuya ku Grade 7). Uma uthanda ukuzobhalisa umntwana wakho, ungeza uzobhalisa esikoleni.

Uma uzobhalisa,phatha lezizinto ezilandelayo:
1. Umazisi womzali (ID copy)
2. Isitifiketi sokuzalwa somntwana (Birth cetrificate copy)
3. i-report lomntwana lango term 2
4. Incwadi yokugoma komntwana (Road to Health booklet)

Uma umntwana wakho evele efunda la esikoleni, asikho isidingo sekuzombhalisa, vele usesemabhukwini esikole.

Siyabonga kakhulu ngokubambisana okuhle.

13/06/2023

Bazali babantwana bakwa Grade 6. Siyazwelana nesimo enikusona ngohambo lwabantwana bethu. Sithanda n**i ukuthi into ebaluleke kakhulu kuthina ukuphepha nokufunda kwabantwana bethu.
Uma sihamba nabantwana kube sibe nesiqiniseko ukuthi bazofunda,baphinde babe sendaweni ephephile. Izindawo ebesizithola bezingakwazi ukuqiniseka ukuphepha kwabantwana, ngakho besingeke sikwazi ukuya kuzona.
Siyabheka izindawo. abantwana bazothola izincwadi ezimayelana nohambo ngaphambi kokuvalwa kwezikole. Sizozama ukuthi abantwana bahambe ngo-August, lokho kuzonika abazali isikhathi esanele sokubakhokhela.
Siyaxolisa kakhulu ngalesisimo, kodwa ukuphepha nokufunda kwabantwana ikhona okubaluleke kakhulu kuthina.
Siyabonga kakhulu, siphinde sixolise.

01/06/2023

Sibingelele bazali. Besithanda ukuxolisa kakhulu ngokubuya sekudlule isikhathi,bekunengozi enkulu emgwaqeni sesibuya esibambezele kwadlula amahora amaningi.
Sihambe kahle kakhulu nabantwana, balujabulele kakhulu uhambo lwabo.
Sibonge kakhulu kubazali, komalume babantwana ngokusibekezelela sisabambekile, nako thisha ngokuqapha abantwana indlela yonke.

29/01/2023

Sibingelele kubazali. Siyathemba niyaphila.

Besithanda ukubika ukuthi sivule kahle kakhulu nabantwana. Zibe khona izinkinga ezincane kodwa azikuphazamisanga ukufunda nokufundisa.

Sifisa lonyaka uze nokusebenzisana okuhle,kanye nabantwana bethu bafunde kahle. Siyabonga ngokuqhubeka kokuzinikela kwethu,kwenza umsebenzi wethu ube lula.

Siyabonga kakhulu

11/12/2022

Sibingelele bazali. Unyaka ka 2022 ube unyaka obe nezinkinga eziningi (Covid-19 kanye nezikhukhula zango April) ezithikameze imfundo yabantwana bethu. Sithanda ukuthatha lelithuba ukunibonga ngokusebenzisana kahle nani, sengathi kungaqhubeka ukusebenzisana kahle nani.
Sithanda ukunikhumbuza ukuthi ama-report abantwana alandwa kusasa, mhlaka 12 December esikoleni, kusukela ngo 8h00 kuze kushaye u-12h00 emini. Ukubhaliswa kwabantwana kuka 2023 kusaqhubeka esikoleni.
Sithanda ukunifisela amaholidi amahle naphephile, size sibonane ngo 2023. Izikole zivulwa ngomhlaka 18 January 2023.
Siyabonga kakhulu.

Address

98 Abbot Francis Road
Pinetown
3601

Opening Hours

Monday 06:30 - 15:00
Tuesday 06:30 - 15:00
Wednesday 06:30 - 15:00
Thursday 06:30 - 15:00
Friday 06:30 - 15:00

Telephone

+27317002957

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Jubilee Senior Primary posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Jubilee Senior Primary:

Share

Category