13/04/2020
Kwakungeke kube nje part1
I mpela ngabe uyisoka lamanyala Uma ufuze amankwebevu. Ezidakamizweni lezi eziningi kangaka esezibulele izwe,kodwa wona awashaywa mkhuba,
Bheka nje, nalaphaya kwelaseMangethe yiwo ayisihlava esigasele emzini mumbe wakwaZungu,maqede kwabonakala.Emndenini Lona inhlalakahle ayibonwa nangalokhalo.Ngingelokothe-ke ngiphathe eyokuhlubula kwabantwana emzimbeni.uQhaphelani yena kungathi akazalwanga, kepha wamane waziqhumela phansi kuhle kwekhowenje. Kuze kube ngconywana kuye udadewabo omncane uDeliwe,yena othuka ethengelwa okokwembatha. Abazali bazidlela wona amankwebevu,bese beklwebhana Wena owabona izinja namakati.
Ngamafuphi singasho kugcwale umlomo sithi yikho Kanye lokhu okuyimbangela yokukhula ngomcacamezelo kukaQaphelani. Useze waba neminyaka eyishumi nane ubudala elokhu ethwele kanzima Kubo. Ukhula nje unethambo,womelele,kalibonwa ifuth emzimbeni. Umkhapheyana Lona yibhungu elikhanyayo ngokwebala, linamanhlonhlo akhomba ingengelezi yomshashadu nxashane selikhulile.
Nakuba kwakunzimanyana-ke ukuphila kuye, kodwa usaqhuba Kahle kakhulu ezifundweni futhi ukhaliphile kakhulu ufunda ibanga lesishiyagalombili laphaya ésíkóléñí eNdondakusuka. Yisiqengqe soqobo ngonqobo. Yinye vo into esithanda ukumkhinyabeza,imephule umoya kwazise phela akasengane ekhasela eziko. Leyo-ke beku yimpilo ayiphila ngenxa yophuza oludakayo olwengame abazali bakhe. Engani uqhubeka nokufunda nje, akusekuhle neze kuyise uZungu. Usethi angaphuza aqale ukubalisa,ebeka nezaba zokuthi sekungakuhle yena Qaphelani ahoxe esikoleni manje ayofuna umsebenzi Ukuze amelekelele ekufezeni izidingo zekhaya.