01/06/2026
Uyaqhubeka umgqigqo wokuvulwa nokulungiswa kwemigwaqo yasemakhaya engaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni. Kulezinsuku ugudlane luvula kuWard 9 endaweni eNkwenkwe eThayini ngaphansi kukaKhansela I.M Biyela.
UMasipala ukubeke eqhulwini ukulungiswa kwemigwaqo ukuze umphakathi uhambe kalula, namabhasi nezimoto zingavinjwa ububi bomgwaqo ukulekelela umphakathi njengoba uMasipala usuzilungisela ngemishini yawo. Lolu hlelo lokulungiswa kwemigwaqo yasemakhaya lubuye luphazamiseke uma isimo sezulu singesihle ngoba imishini ayisebenzi uma kumanzi emgwaqeni. Imigwaqo eshelelayo esuke ihlonziwe yona ifakwa inkwali kanti sekusele ama Ward amahlanu (5) ukuthi eqedwe onke amaWard bese kuqala phansi ukulungiswa kwemigwaqo.