27/08/2026
UBE YIMPUMELELO UMCIMBI WABESIFAZANE OBIZWA NGE WOMEN'S DIALOGUE
Usuku: 27 August 2026
Indawo: Mbazwana MultiPurpose Centre
Isikhathi: 10HO0 ekuseni
Bathole ithuba lokuxoxisana abesifazane abahlukahlukene kwi-Women's Dialogue ehlelwe uMasipala uMhlabuyalingana ngaphansi kwehhovisi lomnyango wakwa-Community Services ngenhloso yokuba abesifazane basukume balwele amalungelo abo futhi balule isandla uma kufanele.
I-Panel yabesifazane abahlukene evela eminyangweni kaHulumeni eyahlukeneyo ithole ithuba lokukhuluma ngezimo ababhekana nazo nsukuzonke emphakathini esiwakhele ezithinta ukuhlukunyezwa nokudicilela phansi isithunzi somuntu wesifazane njengoba abanye bedlengulwa imihla nemihla okubalwa nabesifazane abaselula ngokwegqodo nangokweminyaka.
Imbokodo yase Mhlabuyalingana ibiholwa ngu Somlomo kaMasipala Cllr MD Mathenjwa ,kanye namakhansela abesifazane uCllr J.P. Zikhali, abasebenzi bomkhandlu kaMasipala uMhlabuyalingana kanye noMphathi zimali CFO Mrs N. Mkhabela. UNdlunkulu M. MaMpanza Zikhali ovela ebukhosini besizwe sakwa Mbila (Zikhali) bashiyelane inkundla laphaya eMbazwana Multi-Purpose Centre ngenhloso yokukhuthaza abantu besifazane ukuthi bengagxili ekwenzeni izinto ezingekhe zibaphumelelise kodwa ezizobafaka obishini ,njengokungena kubudlelwane ngenhloso yokufuna imali kumuntu,ukungena kubudlelwane nabantu asebakhulile ,
Ziningi izihloko ezithintiwe nokubalwa ezithinta ukukhulelwa kwezingane ezincane, GBV, HIV /AIDS, ukudlwengulwa kwabo, ukungathuthuki kwezomnotho bengabantu besifazane, ukusweleka kwamathuba omsebenzi kanye nokunye okuningi njengoba bekuvalwa inyanga yabantu besifazane u-August.
Iminyango kade ikhona ukuzogqugquzela abanye abantu besifazane: uMnyango wezemfundo eMkhanyakude, Umasipala uMkhanyakude, umnyango wakwa EDTEA eMkhanyakude, uMasipala waseMhlabuyalingana, inhlangano engatholi nzuzo EDI NGO kanye noMnyango wezolimo.