Harry Gwala District Municipality

Harry Gwala District Municipality Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Harry Gwala District Municipality, Government Organization, No. 40 Main Road, Ixopo.

๐Ÿ“Œ
14/05/2026

๐Ÿ“Œ

13/05/2026

Lala ngokuthula Mjoli, Qubalashe, Nonina Wushe, ndlinendze esindzwa ngonwalu abanye besindza ngobulongwe. Ulishiyile igama elihle nesikhumbuzo esingasoze salibaleka esifundeni i-Harry Gwala. ๐Ÿ•Š๐Ÿค

**INKONZO YESIKHUMBUZO KA CLLR S.D โ€œDOWNSโ€ BEKWA**UMasipala Wesifunda i-Harry Gwala ubuhlangene nomndeni wakwa-Bekwa, ab...
13/05/2026

**INKONZO YESIKHUMBUZO KA CLLR S.D โ€œDOWNSโ€ BEKWA**

UMasipala Wesifunda i-Harry Gwala ubuhlangene nomndeni wakwa-Bekwa, abangani, ozakwabo kanye nomphakathi ekubambeni inkonzo yesikhumbuzo kaCllr S.D โ€œDownsโ€ Bekwa, obeyilungu loMkhandlu Wesifunda. Le nkonzo ibibanjelwe eSoweto Hall namuhla mhla zingu-13 kuNhlaba 2026, lapho bekukhona abaphathi, abasebenzi kanye namakhansela omkhandlu. UMnu Bekwa ubedabuka endaweni yaseSibovini, kuWadi 6.

Uhlelo luqale ngokwamukelwa kwezivakashi yiPhini leMeya, uCllr Nosisa Jojozi, ochaze umufi njengomuntu obedlala indima enkulu emkhandlwini ngobuhlakani bakhe nokuzinikela emsebenzini. Usotswebhu woMkhandlu, uCllr Noluthando Mhatu, naye uveze ukuthi uNonina ubengumuntu owuthandayo umkhandlu, engumngani, ubhuti nobaba kwabanye emsebenzini, futhi engumshoshovu obezinikele kakhulu emsebenzini wakhe.

UMnu Lindumusa Gwala, obeyesebenza naye emkhakheni wengqalasizinda yamanzi, uchaze uNonina njengomuntu obedla ubhedu emsebenzini wakhe, owayezinikele futhi eqhubeka nokusebenza ngisho nasezikhathini ezinzima. Uthe ubengumuntu onobubele, othanda ukubona abanye bephumelela, futhi ukushona kwakhe kushiye igebe elikhulu emnyangweni wezamanzi.

UMphathi Wesifunda, uMnu Gamakhulu Sineke, ufunde encwadini yoMshumayeli 3:7-8 ukududuza umndeni wakwa-Bekwa. Uchaze uNonina njengomuntu abaqala ukwazana naye eBuhlebezwe, emkhumbula njengomuntu ohlelekile, oqotho, onomoya ophansi futhi ohloniphekile. Uthe ubeyi-EXCO Member ehlonishwa kakhulu futhi eyindoda enobubele, ephesheya ngobuholi nangokuziphatha kahle emphakathini.

IMeya yesiFunda, uCllr Zamo Nxumalo, nayo idlulise amazwi enduduzo emndenini wakwa-Bekwa. Ichaze uโ€œDownsโ€ njengomuntu ababebambisene naye kakhulu kwezepolitiki kanye nasemsebenzini wengqalasizinda yamanzi. IMeya iveze ukuthi yamazi kusukela esebenza njengomshayeli wezimoto zikamasipala eBuhlebezwe, yamchaza njengomuntu owuthanda kakhulu umndeni wakhe nowayephethe kahle umsebenzi emnyangweni wezamanzi. IMeya iphinde yathembisa ukuthi umsebenzi nentuthuko aqale ukuyilwela izoqhubeka ngenhlonipho yegama lakhe.

Izwi lenkosi lishunyayelwe nguBishop Mbhele, ofunde encwadini yabaseKorinte 1:18 kanye nencwadi kaEksodusi 2:23-25, ekhuthaza futhi eduduza umndeni ukuthi uNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwabo futhi uzobaqinisa kulesi sikhathi esinzima.

Okhulumela umndeni, u-Aphiwe Bekwa, ubonge kakhulu uMasipala Wesifunda i-Harry Gwala ngokweseka umndeni kulesi sikhathi sobuhlungu. Uveze ukuthi ukulahlekelwa uNonina kube buhlungu kakhulu emndenini njengoba bebengakulindele ukushonelwa yinsika yomndeni.

Induna yaseMakholweni, uBaba uSosibo, nayo idlulise amazwi enduduzo, ichaza uNonina njengomuntu obekezelayo, onenhlonipho, onosizo futhi okwazi ukweseka lapho kudingeka khona.

Ekupheleni kwenkonzo, uSomlomo woMkhandlu, uCllr Sibongiseni Mdunge, ubonge umndeni wakwa-Bekwa ngokubambisana nomkhandlu ukuze inkonzo yesikhumbuzo ibe yimpumelelo. Uchaze uNonina njengendoda emadodeni, ethi lapho efika khona ubukhona bakhe babuzwakala. Uthe umkhandlu ulahlekelwe kakhulu ngobuhlakani, ubuqotho kanye nobuholi bakhe.

UMasipala Wesifunda i-Harry Gwala udlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwa-Bekwa, kubangani nakubo bonke abathintekile ngokudlula emhlabeni kukaCllr Simphiwe Donataus โ€œDownsโ€ Bekwa. UNonina uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ngeSonto mhla zingu-17 kuNhlaba 2026 ekhaya kwa-Bekwa.

Lala ngokuthula Mjoli, Qubalashe, Nonina Wushe, ndlinendze esindzwa ngonwalu abanye besindza ngobulongwe. Ulishiyile igama elihle nesikhumbuzo esingasoze salibaleka esifundeni i-Harry Gwala. ๐Ÿ•Š๐Ÿค

13/05/2026
๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธRest In Peace  Cllr. Bekwa.
09/05/2026

๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธ๐Ÿ•Š๏ธRest In Peace Cllr. Bekwa.

Address

No. 40 Main Road
Ixopo
3276

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Harry Gwala District Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share