MK Party-Umlalazi Sub-region

MK Party-Umlalazi Sub-region We aim to usher in a new era of growth and equality for all South Africans

15/06/2026
14/06/2026

πŸ“’ ISAZISO ESIBALULEKILE KUBO BONKE AMALUNGU E-MKP ESIFUNDA SASE-uMLALAZI

Ngokomyalelo ovela eHhovisi Lomxhumanisi Wesifunda saseKing Cetshwayo, wonke amalungu e-MKP ayamenywa ukuba abe yingxenye yemihlangano yokubonisana ezokhetha amaqembu azohola umsebenzi wokhetho lukaMasipala lwango-2026.

Le mihlangano ihlose ukuqoka i-Election Task Team ezohola futhi iqinise umsebenzi wokhetho emawadini ethu.

πŸ“… Usuku: 16 Juni 2026
⏰ Isikhathi: 14h30
πŸ“ Indawo: Izokwaziswa abaholi bamawadi

Siyacela wonke amalungu ukuba abe khona futhi abambe iqhaza ekwakheni izinhlaka eziqinile, ezinesimilo nezikulungele ukunqoba ukhetho.

Amandla! ✊🏾

14/06/2026

ISAZISO SOMCIMBI

Umphakathi wase ward 11 uyaziswa ngomcimbi ozoba kanje:

πŸ“… Usuku: ISonto, 14 Juni 2026
πŸ•— Isikhathi: 08:00 ekuseni

UHLELO LOSUKU

🧹 08:00 ekuseni
Umkhankaso wokuhlanza e-Ethafeni Temple (phesheya kweMfolozi College).

🚢 10:00 ekuseni
Ukuhlangana e-Sunnydale Hall VD ngaphambi kohlelo lokuvakashela ( door to door ).

πŸ‘₯ Ngemuva kwalokho
Kuzoba nomhlangano ka ward 11 Elections Task Team e-Sunnydale Hall.

OXHUMANA NABO

πŸ“ž Mayelana nohlelo lokuhlanza:
Cde Mgwaba – 075 029 4859

πŸ“ž Mayelana nohlelo lokuvakashela umphakathi ngezindlu:
Siya Zulu – 066 412 6578/
Cde Vee Madlala – 067 866 9229

ℹ️ Ama-T-shirt azotholakala ngalolo suku.
Siyabonga ngokubambisana

Isimemezelo EsifushaneSanibonani boMphakathi wase wadi 12.Niyanxuswa emidlalweni yebhola yosuku lwentsha mhla ziyi-16 ku...
13/06/2026

Isimemezelo Esifushane

Sanibonani boMphakathi wase wadi 12.

Niyanxuswa emidlalweni yebhola yosuku lwentsha mhla ziyi-16 kuNhlangulana e King Dinuzulu Stadium, Ward 12, uMlazi, kusukela ngo 09h00 ekuseni.

Woza uzosekela intsha yethu, uhlangane nomphakathi futhi sigubhe usuku lwentsha ndawonye.

Umdlalo owodwa, umphakathi owodwa, ikusasa elilodwa. Bonke bamukelekile! βš½πŸ†

Isimemezelo Esifushane:Sanibonani boMphakathi baseWard 16.Niyanxuswa emgubhweni wango 16 Juni ozoba se Zicabangele Crèch...
13/06/2026

Isimemezelo Esifushane:

Sanibonani boMphakathi baseWard 16.

Niyanxuswa emgubhweni wango 16 Juni ozoba se Zicabangele Crèche, eZiphambanweni, kusukela ngo 09:00 ekuseni kuze kube sebusuku.

Kuzokwethulwa i-VD entsha, kukhulunywe ngezinhlelo zentsha, ukubuyisa ithemba emphakathini kanye nezinkinga zokungasebenzi.

Kuzophinde kube nokuzijabulisa okubandakanya ama-DJ endawo, umdanso wesiZulu, iSicathamiya namaqembu e-Amagidangoma.

Wonke umuntu wamukelekile. Woza nawe nomndeni wakho.

βœŠπŸ’šπŸ–€ ISAZISO ESIBALULEKILE – MK PARTY WARD 18 ETHAFENI VD πŸ’šπŸ–€βœŠKumenywa wonke amaVolontiya e-MK Party ukuba ahlanganyele oh...
13/06/2026

βœŠπŸ’šπŸ–€ ISAZISO ESIBALULEKILE – MK PARTY WARD 18 ETHAFENI VD πŸ’šπŸ–€βœŠ

Kumenywa wonke amaVolontiya e-MK Party ukuba ahlanganyele ohlelweni lokukhumbuza umphakathi wase ward 18 ngokubaluleka komzabalazo weMK Party kanye nokulungiselela imisebenzi yezepolitiki ezayo.

Lolu hlelo luzogxila ekuhlanganiseni amalungu, ukunxenxa amalungu amasha, ukuhlela ukubambisana nomphakathi kanye nokwabelana ngolwazi olubalulekile ngenhlangano.

πŸ“ Indawo Yokuhlangana: KwaGcaba Estolo
πŸ“… Usuku: 13 Juni 2026
πŸ•‘ Isikhathi: 8:30 ekseni

Masihlangane ngobuningi ukuze siqinisekise ukuthi uhlelo loMkhonto Wesizwe luba yimpumelelo.

✊ UMKHONTO WESIZWE – AMANDLA KUBANTU! ✊

13/06/2026

Sihabula mahhala hha..uthi uSG, S'bonelo Nomvalo when a fool is gate-keeping he is compromising the intellectual capacity, because he knows that he has no intellectual capacity and anyone who speaks sense becomes a threat to him.

βœŠπŸ’šπŸ–€ ISAZISO ESIBALULEKILE – MK PARTY WARD 17 HEMFANE VD πŸ’šπŸ–€βœŠKumenywa wonke amaVolontiya e-MK Party ukuba ahlanganyele ohl...
11/06/2026

βœŠπŸ’šπŸ–€ ISAZISO ESIBALULEKILE – MK PARTY WARD 17 HEMFANE VD πŸ’šπŸ–€βœŠ

Kumenywa wonke amaVolontiya e-MK Party ukuba ahlanganyele ohlelweni lokukhumbuza umphakathi wase ward 17 ngokubaluleka komzabalazo weMK Party kanye nokulungiselela imisebenzi yezepolitiki ezayo.

Lolu hlelo luzogxila ekuhlanganiseni amalungu, ukunxenxa amalungu amasha, ukuhlela ukubambisana nomphakathi kanye nokwabelana ngolwazi olubalulekile ngenhlangano.

πŸ“ Indawo Yokuhlangana: eGatin lase Hemfane Primary School
πŸ“… Usuku: 14 Juni 2026
πŸ•‘ Isikhathi: 10h00

Masihlangane ngobuningi ukuze siqinise ukuthi uhlelo loMkhonto Wesizwe luba yimpumelelo.

✊ UMKHONTO WESIZWE – AMANDLA KUBANTU! ✊

βœŠπŸ’šπŸ–€ ISAZISO ESIBALULEKILE – MK PARTY WARD 3 NOMAPHINDELA VD πŸ’šπŸ–€βœŠKumenywa wonke amaVolontiya e-MK Party ukuba ahlanganyele...
11/06/2026

βœŠπŸ’šπŸ–€ ISAZISO ESIBALULEKILE – MK PARTY WARD 3 NOMAPHINDELA VD πŸ’šπŸ–€βœŠ
Kumenywa wonke amaVolontiya e-MK Party ukuba ahlanganyele ohlelweni lokukhumbuza umphakathi wase ward 3 ngokubaluleka komzabalazo weMK Party kanye nokulungiselela imisebenzi yezepolitiki ezayo.

Lolu hlelo luzogxila ekuhlanganiseni amalungu, ukunxenxa amalungu amasha, ukuhlela ukubambisana nomphakathi kanye nokwabelana ngolwazi olubalulekile ngenhlangano.

πŸ“ Indawo Yokuhlangana: Nomaphindela Creche
πŸ“… Usuku: 12 Juni 2026
πŸ•‘ Isikhathi: 14:00

Masihlangane ngobuningi ukuze siqinise ukuthi uhlelo loMkhonto Wesizwe luba yimpumelelo.

✊ UMKHONTO WESIZWE – AMANDLA KUBANTU! ✊

Address

Sunnydale
Eshowe
3815

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when MK Party-Umlalazi Sub-region posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share