Ntethe's novels and drama

Ntethe's novels and drama This page is only for readers & after reading like our page so that i can keep on writing new stories

ISIGUBHU By Sizakele Xulu ISIGCAWU 7[Kusekuseni lapho uMkhize usehhovisini likamfowabo uMpiyakhe]Mkhize : Aw Mpiyakhe mn...
15/06/2026

ISIGUBHU

By Sizakele Xulu

ISIGCAWU 7

[Kusekuseni lapho uMkhize usehhovisini likamfowabo uMpiyakhe]

Mkhize : Aw Mpiyakhe mntakababa [ekhumula isgqoko asiphathe ngesandla]

Mpiyakhe : Yebo bafo unjani [asukume amuxhawule] kuyangithokozisa ukuba khona kwakho la bhuti omdala

Mkhize : ay siyancenga mfwethu

Mpiyakhe : wangihlasela ekuseni kanje engabe ngigeze ngani

Mkhize : kanti akulutho mfwethu [ adonse isihlalo ahlale]

Mpiyakhe : awuthi ngiqagele uze ngaloludaba esike saluthinta izolo

Mkhize : kunjalo mntakababa ngike ngathi ukuyidlela amathambo engqondo ngabona kuyinto elungile ukuthi sisebenzisane yabona

Mpiyakhe : kulungile ke mfwethu phela ungowakwethu wena ngingakulahlela bani, bengikubekele isikhundla laphana ukuthi ube ngumenenja esitolo samathuluzi ngoba manje umfana lo uLungisani akasawenzi umsebenzi wakhe ngendlela into ayenzayo nje ukulwusana namakhasimende ethu manje sengithembe wena ke bafo ukuthi sizosebenzisana ngendlela

Mkhize : kanti uze ungiqashe nje awunginiki ngani sona lesistolo ngoba wena uphethe okunye

Mpiyakhe : Bafo yini oyaziyo wena ngamabhizinisi

Mkhize : angithi uzongicathulisa nje ungitshengise

Mpiyakhe : angithi ingakho ke ngizokubeka ube imenenja ukuze uzokwazi Ukufunda okuthile

Mkhize : mina bengithi sizobe sibambisene la

Mpiyakhe : bafo kukuwe mfwethu mina sengiqedile lokhu okushoyo ngizokubona ekuhambeni kwesikhathi ukuthi usukulungele yini

Mkhize : ay kulungile mfwethu ngzowuthatha

Mpiyakhe: asibonge Khabazela [alule isandla amxhawule] aw bafo kwenzekeni emnweni?

Mkhize :ay bengithi ngilungisa uthango ngabe sengisikwa ucingo

Mpiyakhe :ooh aw phephisa. Usungahamba ke uyobheka lapha estolo ukuthi kuhamba kanjani uLungisani vele sengimkhiphile.

Mkhize : Wakithi khona la ekmele ngiphuthume khona kuqala kodwa mangibuya ngzodlula khona estolo

Mpiyakhe : inkinga angiyboni ndoda

Mkhize :Ay akengibaleke ndoda [ aphume ahambe aye estobhini wafike wathatha itekisi yayombeka qathatha esangweni lakwaNdlovu wafike wakhuleka] Sikhulekile ekhaya Ndlovu, Gatsheni, Boyabenyathi

Ndlovu : engabe ubani lowo ekuseni
kangaka[walunguza wabona ukuthi uMkhize] aw Khabazela ngena

Mkhize : niyaphila kodwa ekhaya

Ndlovu : Sikhona Mkhize ekuseni kangaka kwenzenjani

Mkhize : ay wena Gatsheni angizile kabi ndoda yamadoda ngithi angizobonga nje ngomsebenzi omuhle osungenzele wona[akhiphe imvilophi equmbile enemali phakathi ayibeke phansi eduze kukaNdlovu] ilona phasela lakho leli esasivumelene ngalo

Ndlovu : [ ayithathe imvilophu ayivule ahleke kancane] uyindoda ngampela Mkhize asithembe ukuthi iphelele

Mkhize : ay iphelele ungayibala

Ndlovu : ay ngiyazi ukuthi angeke ungenze isilima
Mkhize ngyakwethemba ndoda

Mkhize : ay mawusho njalo ke kulungile

Ndlovu :Ngyabona usuhambe wayohlupha umfwenu laphana

Mkhize : ey bekumele ndoda ukuze umkami angaze asole phela

Ndlovu : ay angingakubambezeli ke Khabazela

Mkhize : ay akuvaleliswa ndloda[ aphume ahambe]

ISIGUBHU By Sizakele Xulu ISIGCAWU 6[Kuntambama uMkhize uhlezi nomdeni wakhe badla ukudla kwakusihlwa]Lindi : [emamathek...
14/06/2026

ISIGUBHU

By Sizakele Xulu

ISIGCAWU 6

[Kuntambama uMkhize uhlezi nomdeni wakhe badla ukudla kwakusihlwa]

Lindi : [emamatheka] siyabonga baba

Mkhize : khululeka Nkosikazi mina ngingenza noma ngabe yini ukuze wena noZinhle nizolala nidlile

Zinhle : ay mina ngijabulela ukuthi sidla inyama namuhlanje bese sifile imifino

Mkhize : Ngiyanithembisa kusukela namuhlanje nizobe nidla ukudla enikuthandayo

Lindi : manje baba ngigcine ngasabuzanga la uwuthole kuphi lomsebenzi

Mkhize : [ athi ukushaya kancane izikhwehlela aphuze amanzi] eeeh ngiwuthole kubafo

Lindi : uMpiyakhe?[ngokumangala]

Mkhize : yebo mkami kungabe kunenkinga yini?

Lindi : seniyazwana futhi nomfwenu?

Mkhize : sisazama khona nkosikazi

Lindi : ay kwakuhle ukuzwa lokho ke nibe nokuthula nje nina nobabili ay lendaba yenu yokukwebhana

Zinhle : kushukuthi baba nami sengingamvakashela ubabomcane ngoba seniyazwana

Mkhize : Hhayi okwamanje Zinhle

Lindi : hawu ngobani baba angithi seniyezwana nje?

Mkhize : ngithe sisazama ngakho akukabi isikhathi esihle ukuthi angavakasha uZinhle

Zinhle : ngiyakuzwa baba manje kuzoba inini isikhathi esifanele

Mkhize : Zinhle awungimele ngemibuzo ngizokutshela mase kukahle ukuthi uye okwamanje awulalele lokhu engikushoyo

Lindi : weZinhle awusukume mntanani uqoqe lezitsha sesiqedile ukudla uyeke uyihlo ngemibuzo engathi shu

Zinhle : kulungile mama[asukume aqoqe]

[Kusebusuku lapho uMkhize uyavuka ushiya uLindi embedeni uya endaweni yakhe ecashekile lapho abeke khona isigubhu lesi asinikwe uNdlovu ufike wasika umunwe wakhe kancane wabe eseconsisela igazi lakhe phakathi kuzo lezitaputapu ezimnyama njengosho kwenyanga yakhe]

ISIGUBHU By Sizakele Xulu ISIGCAWU 5[UZama ume othangweni lakwakhe ukhuluma noNana umakhelwane wakhe]Zama : Molo weNanaN...
13/06/2026

ISIGUBHU

By Sizakele Xulu

ISIGCAWU 5

[UZama ume othangweni lakwakhe ukhuluma noNana umakhelwane wakhe]

Zama : Molo weNana

Nana : [esondela eza ngakuye] yebo makhi ninjani

Zama : syaphila makhi sondela impela ntombi zinoju [esho ehleka]

Nana : [esencike othangweni naye phela bahlukaniswe uthango olulodwa]woza nazo sisi

Zama : [enciphisa izwi] phela ikati lilele eziko kuloya muzi [akhombe ngekhanda] ngikhuluma nje sekuze kwasha lona

Nana : unamanga wena [ebabaza sakuhleba]

Zama :Ngyakutshela

Nana : iheeeee kazi uLindi akabuyeli ngani kubo phela bebedla izambane likampondo uyise uphethe izinkampani eziphezulu njengoba ehlalele indlala la

Zama : Hawu ngike ngambuza nami wavele wangikhwela wangidilika esho khona ukuthi angiganile cabanga

Nana : hawuuu ngingamane ngingagani ukube imina ngabe Kade ngabuyela ekhaya nomntanami

Zama : kodwa ngathi kubenconywana namhlanje phela ngibone ubaba wakhona engena egqishazela noplastiki wena bheka[elinganisa]

Nana : ayboo usakhuluma ngobaba wakhona mina ngike ngamubona engena lapha kwaNdlovu kwangixaka lokho ukuthi ufunani enyangeni edume kangaka ngobubi ekubeni elikholwa

Zama : Unamanga wena usho uNdlovu yena yedwa?

Nana : yebo sisi yena neynqotho zakhe

Zama : ungangitsheli ukuthi uMkhize usethathe lento

Nana : ay makhi mina bengasho njalo

Zama : ay wena ibuke kanje lento uMkhize uvuke waya kwaNdlovu ekuseni kuyaba emini usebuya negolosa ngeke kuqondane kangaka ayinuki ingosiwanga sisi ngzothi ngasho [usebambe naseqolo uyacabangisisa]

Nana :ay kuyobonakala sekuqoqwa [echiliza izadla] ake ngihambe weZama sobuye sizikhininde ntombi

Zama : kulungile makhi nami ngisathi ukuqoqaqoqa endlini[ asuke abuyele endlini]

ISIGUBHU By Sizakele Xulu ISIGCAWU 4[Kusemini uLindi uphuza itiye nomngani wakhe uZama]Zama : Uyaphila ke maMkhizeLindi ...
13/06/2026

ISIGUBHU

By Sizakele Xulu

ISIGCAWU 4

[Kusemini uLindi uphuza itiye nomngani wakhe uZama]

Zama : Uyaphila ke maMkhize

Lindi : [ebeka phansi inkomishi yetiye] siyancenga sisi akusizi ukukhala

Zama : kodwa Lindi ntombi thembela kumdali konke kuzolunga

Lindi : Sengithembe yena nalobaba walayokhaya usayozama okungamatoho

Zama :Hhayi ntombi makunjalo ke ngeke angabuyi ngisho nesinkwa lesi asithembe khona azokuthola bakithi

Lindi : sengithembe khona ukubuya kwakhe

Zama : kodwa mngani awuthi kengikubuze nje

Lindi :[ngokuxwaya] buza

Zama : Kungani ungabuyeli ekhaya kini?ngisho ngoba phela beniphila kahle laphaya ukunalokhu kuhlupheka okumele lana

Lindi : weZama mina ngiyayazi into eyangisusa ekhaya njengoba ngilana ngisemendweni ngaphuma ekhaya ngiyaliwe ngaphuma ngebhokisi kuyabekezelwa emendweni sekuyikhona ukuthi ngeke uzwisise ngoba phela awuganile wena

Zama : Ngyakuzwa Lindi kodwa usungaze ubekezelele indlala pho ngenxa yomendo nje

Lindi : yazi mhla wagana uyokuqonda lokhu nawe

[Kungene uMkhize endlini egqishazela noshekhasi abagcwele ukudla]

Mkhize : Sanibonani endlini [abathi dinsi phansi]

Bobabili : yebo

Lindi : hawu baba washeshe wabuya

Mkhize : yebo mkami izinto zivele zahamba kahle

Lindi : Pho wabe usuyithola khona namuhla imali

Mkhize : Cha malindi lena ngiyibolekile kuzothi mase ngiholile bese ngiyokhokha

Lindi : [ejabula] ay kwakuhle ke kodwa

Mkhize : kodwa ini manje? Awusukume uthathe laboshekhasi ubone ukuthi uphekani

Lindi : yebo baba [ asukume abathathe aye nabo ekhishini]

Zama : ay seniyosala kahle bo Lindi sengihembe ntombi[asukume aphume]

Mkhize : uhambe kahle bo Zama.

ISIGUBHU By Sizakele Xulu ISIGCAWU 3[UMpiyakhe usehhovisini lakhe uxakwe amaphepha agcwele itafula okumele awasayine kwa...
12/06/2026

ISIGUBHU

By Sizakele Xulu

ISIGCAWU 3

[UMpiyakhe usehhovisini lakhe uxakwe amaphepha agcwele itafula okumele awasayine kwabe sekungena uLucky]

Mpiyakhe : Lucky udingani lana yazi nginomsebenzi omningi kanjani

Lucky :Boss yazi sishodelwa abasebenzi esayithini

Mpiyakhe : Ngyakwazi lokho futhi ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngyakulungisa,ngabe kukhona okunye? [esho emubuka emehlweni]

Lucky :Yebo basi Ngithole ucingo oluphuma esitolo samathuluzi engathi izinto azihambi kahle khona uLungisani uxabene namakhasimende

Mpiyakhe :Ay lomfana uyadina kodwa sekumele ngiyeke yonke lento engiyenzayo lana ngyobheka khona

Lucky :Impela mnumzane

Mpiyakhe :Ngyabonga ngokungazisa Lucky. asambe ke syekhona lapho [baphume bahambe

[UMkhize ukwaNdlovu enyangeni]

Ndlovu : Yah ke ndoda yamadoda ukhala ngani?

Mkhize : [esula umjuluko ngethawula aliphethe] Ey Gatsheni sengihlupheke kwanele manje ngingene ngacwila ezikweletini umasigcwabisane wona usunezinyanga ezintathu ungakhokheliwe angiyphathi ke eyokudla ikati lilele eziko lapha ekhaya kwanamhlanje angazi nokuthi kolala kudliweni

Ndlovu :Usholo ukuthi usuhlulekile ukubekezela? [Emubukisisa efuna ukwenza isiqiniseko sokuthi akanakho yini ukungabaza]

Mkhize :sengibekezelele kwanele manje mkhulu

Ndlovu : Ay ngiyakuzwa ndoda, manje unesiqiniseko salendlela ofuna ukuyithatha?

Mkhize :yebo angisajiki

Ndlovu :[Ahleke kancane] Ay ngiyezwa ndoda[ asondele emsamo wakhe lapho kuhlala khona imithi afike athathe okunye okusagula lamasi mawukubhekile kuzitaputapu ezimnyama phakathi kwase kufakwa izintambo zembala ehlukahlukene ngaphandle wabe esenika uMkhize]lalela ke lokhu engikunika khona isigubhu okuyisona esizokwenzela imali wena ke uzobe usungikhokhela u50 000 wokuqala masikhiqiza bese kuthi uma sesiqhubeka sisebenza bese unginika u100 000

Mkhize : Ilokho kuphela nje?

Ndlovu : okunye ukuthi lesi sigubhu siyalamba

Mkhize : Hhe? [Ngokumangala]

Ndlovu : ungizwe kahle usinika igazi lakho njalo ekuseni nantambama uliconsisela khona la phakathi , usika kancane emunweni wakho wasesandleni sokunene uthi nje Co kancane

Mkhize : makungenjalo?

Ndlovu :Ay lokho ngeke uthande ukukwazi, manje ke sinesivumelwano Mkhize?

Mkhize :akube njalo wena wangasenhla[ephakamisa izandla ekhombisa ukubonga wabe esethatha lesisigubhu waphuma wahamba engavalelisanga njengosiko lwakhona. Uthe esamile esangweni lakhona ecabanga ukuthi uzofike asibekephi lesigubhu ekhaya kwaba ukuthi uMpiyakhe uyambona]

Mpiyakhe: aybo Lucky ngabe akusiye umfwethu loya[esho emkhomba emubonela ekudeni]

Lucky. : ay kubukeka engathi uyena

Mpiyakhe : engabe ufunani ezinyangeni ngoba phela umuntu webhayibheli lo

Lucky : Aw mphathi abantu bayashintsha mubize umuphe ulift

Mpiyakhe :haw yazi uqinisile[ememeza] webafo!!Mkhize!!

Mkhize. :[eqalaza] Yebo[esondela]

Mpiyakhe: woza ngikubeke ekhaya

Mkhize :[angene emotweni]Unjani Lucky?

Lucky :ngiyaphila baba

Mpiyakhe :[eshayela]manje bafo ubekwa yini ngala?

Mkhize : uzongipha lift noma uzongipheka ngemibuzo

Mpiyakhe: Cha bhuti omdala ukuthi nje ngikhathazekile ngawe, uphetheni lapho[esho ebuka ushekhasi omnyama ophethwe uMkhize]

Mkhize :yazini cela ukwehla[usezizwa edinwa ilemibuzo kaMpiyakhe]

Lucky :aw baba asikafiki nje kwakho

Mkhize : ubani ke obekhuluma nawe wena?

Lucky : Ngyaxolisa baba nami bengith…..

Mkhize :[amngene emlomyeni]ubuthini?

Mpiyakhe :aw kahle bafo ngamatshe

Mkhize :[ebhekise kuMpiyakhe] wena ngithe ngehlise

Mpiyakhe :[amise imoto] bafo ngaphambi kokuba wehle ngifuna wazi ukuthi ungeza uzosebenza nami enkampanini kababa wethu

Mkhize :Khohlwa Mpiyakhe ufuna ngizoba isicashalala sakho!!! Angithi wena ubuyintandokazi kubaba wakunika wonke amabhizinisi akhe mina wangangishiyela lutho

Mpiyakhe : Ngiyakwazi lokho bafo ngizokunika isikhundla

Mkhize :mxm awungyeke wena vele ubaba wakho wayengangifuni

Mpiyakhe : akulona ke iqiniso lelo bafo,Buka kusasa muthola ithuba uze lapha ehhovisi sizokhuluma bese uyayeka ukuhamba izinyanga umuntu megula akahambe kudokotela hhayi izinyanga mfwethu.

Mkhize :nx usangibhedela namanje[aphume avale isicabha aqhubeke ahambe ngezinyawo]

ISIGUBHU By Sizakele Xulu ISIGCAWU 2[Kusempondozankomo uMkhize uhlezi ngezinqe embedeni uyathatha uyabeka ngengqondo lap...
12/06/2026

ISIGUBHU

By Sizakele Xulu

ISIGCAWU 2

[Kusempondozankomo uMkhize uhlezi ngezinqe embedeni uyathatha uyabeka ngengqondo lapho uLindi ulele obudala ubuthongo]

Mkhize : [Ekhuluma yedwa]Impilo yami ihlangahlangene nje sengiphelelwe yiwowonke amacebo , kumanje nje angazi nokuthi umkami nendodakazi yami bazodlani mabevuka kodwa futhi nginayo enye indlela into nje ngangingafuni ukugcina ngiyisebenzisa kodwa manje ngoba izinto kanje kuyaphoqa ukuba ngiyenze lento , ngenzele uZinhle noLindi ngiyeke ukuba ivaka ngibhekane nayo ngqo lento [Anyakaze uLindi avule amehlo] Haw sthandwa sami usuvukile

Lindi : [Ecikica amehlo] Lutho ngisazolala ngivukela ukuyochitha amanzi

Mkhize : ooh ay kulungile

Lindi : [Avuke aye endlini encane masishane abuye angene engubeni] Wena ke awulele ngani?

Mkhize : [Ngokukhathazeka] Ey mkami ngizolala kanjani ngingazi nokuthi nizovuka nidleni

Linde : Aw kodwa baba musa ukuzikhathaza kangaka kukhona okusalile ebsuku sovuka sifudumeze khona

Mkhize : Kodwa maLindi mina angisathandi ukunibona niphila kanjena ngampela

Lindi : Khabazela ithi incwadi engcwele konke kunesikhathi sakho , nathi sizofika sethu isikhathi into thina ekumele siyenze ukuqinisa emukhulekweni siphinde sifunde ukubekezela nje qha unkulunkulu uzolakha icebo ngathi

Mkhize : Ngiyakuzwa mkami

Lindi : yah asilale ke manje

[Sekusile uMkhize ulungiselela ukuhamba ulokhu uyaphithizela endlini]

Mkhize : Ay nkosikazi seniyosala kahle ke mina sengihembe

Zinhle : Hawu baba , awusaphuzi ngisho itiye ?

Mkhize : Lutho mntanami liphuze wena sisi

Lindi : Kuyiwaphi vele usuphuthuma kangaka?

Mkhize : Lindi kumele ngiphume nami ngiyophanta njengendoda ngifuna silale sidle inyama namuhlanje

Lindi : Ngiyakuzwa myeni wami

Mkhize : [Acabuze umkakhe esihlathini ] seniyosala kahle [Aphume]

Linde : Yazi Zinhle ngikhathazekile ngoyihlo

Zinhle : Ngobani mama?

Linde : Ngike ngavuka ekuseni ngambona ehlezi ekhuluma yedwa
kubonakala nje ukuthi ukude nemicabango uyathatha uyabeka

Zinhle : Ey kodwa ngobaba nkosyami ngyamuzwela yazi

Lindi : Yah yena uyafuna ukuzama kodwa akulungi khona

ISIGUBHU S1By Sizakele Xulu AbalingiswaMpiyakhe >Ubhuti kaMkhize omdalaLindiwe >Unkosikazi kaMkhizeNdlovu >Ukhokhovula k...
12/06/2026

ISIGUBHU S1

By Sizakele Xulu

Abalingiswa
Mpiyakhe >Ubhuti kaMkhize omdala
Lindiwe >Unkosikazi kaMkhize
Ndlovu >Ukhokhovula kwenyanga
Mkhize >Umkhwenyana kaLindiwe
Zama > Umngani kaLindiwe
Zinhle >ingane kaLindiwe noMkhize abayithatha kwezonhlalakahle
Lucky >Usebenzela uMpiyakhe
Nana >Umakhelwane kaZama

-Lomdlalo wenzeka endaweni yasemakhaya

ISIGCAWU SOKUQALA

[UMkhize uhlezi noLindi kanye noZinhle badla isidlo sakusihlwa]

Zinhle : [Adonse umoya bese ebuka ukudla kwakhe maqede aphefumulele phezulu] Imifino futhi nanamhlanje mama?

Lindi : [Ajeqeze umyeni wakhe maqede abuyele ngakuZinhle ] Zinhle mntanami ngabe ubonga lokhu unkulunkulu asipha khona ngoba akufani nokulala singadlile

Mkhize : Kanti-ke mase ngithole imali soyidla inyama ukhululeke nje wena Zinhle okwamanje asincenge khona lana mntanami

Zinhle : Kodwa nalonkulunkulu wakho kungani engasizweli thina kunini sihlupheka njalo nje thina sidla imifino, ayi ngeke mina sengikhathele

Lindi : [Ahleke kancane] Ngane yami konke kunesikhathi sakho nathi siyeza esethu isikhathi ungakhazeki

Mkhize : Khululekani nje nina kungekudala sobe sidla 7 colors [emamatheka]

Zinhle : Ay ngethemba kanjalo nami baba [Athule isikhashana]Yaz baba nawe mama benginesicelo lana

Lindi : Isicelo sani singenamali

Zinhle : Bengicela ukuyovakashela ubabomncane uMpiyakhe phela selokhu kwashona umkhulu sesimbona masiphambana emgwaqeni

Mkhize : [eshaya phansi ngonyawo] Uyokwenza lokho ngifile syezwana

Lindi : [Ngokumangala] Hawu ngobani manje baba?

Mkhize : Angifune lutho oluzongihlanganisa noMpiyakhe mina

Zinhle : Kowa baba umfowenu nje

Mkhize : WeZinhle uMpiyakhe umfowethu ngokwegazi nje kuphela lapho

Lindi :Mina kodwa angiyiboni inkinga uma ingane iyovakashela ubabomncane wayo

Mkhize : [usegane unwabu] Angingathi ngilibeka nawe ube ulibeka Lindiwe noma vele inhlonipho ayisekho layikhaya

Lindi : [Ngokuzithoba] Ngyaxolisa Khabazela

Zinhle :[Ancimfe maqede asukume] Sengivele ngasutha ngisayolala

Mkhize : [Ngokukhulu ukucasuka] WeZinhle wena uncimfela bani buya la!

Lindi : Aw kahle Mkhize ngolaka wase uvele ubhodla umlilo nje esikhaleni kanti sekwenzenjani

Mkhize : Lindi lengane ayisezwa, ayisekho nje nhlobo inhlonipho kuyo iphumile impela esandleni

Lindi : Yobe baba yobe,ehlisa umoya uzoze. ukhushukelwe ushukela

Address

Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ntethe's novels and drama posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share