04/08/2026
SOD TURNING & HANDOVER OF CONTRACTOR | WARD 10 ELECTRIFICATION PROJECT
Namuhla akusikho nje kuphela ukujikwa kweSoyi, kodwa kuwukuqala kwesahluko esisha sethemba nentuthuko kubantu baseShayamoya eWard 10. Lolu suku oluyingqophamlando luphawula ukwethulwa ngokusemthethweni kweProject Yokufakelwa Kukagesi kanye nokuthulwa kukaContractor.
Lo mcimbi ubuholwa uMeya woMasipala waseDannhauser, uKhansela B.A. Radebe, ehambisana nePhini leMeya, uKhansela B.T.D. Langa, iKhansela leWadi 10, uKhansela N. Mthembu, amaKhansela, iNduna, abaQondisi boMasipala, izikhulu zoMasipala, kanye namalungu omphakathi abebehlangene ukuzobungaza lesi sigameko esibalulekile.
Le Project Yokufakelwa Kukagesi eWard 10 iyingxenye yemizamo eqhubekayo kaMasipala waseDannhauser yokuletha izindingo emphakathini nokwenza ngcono impilo yabantu. Nakuba umphakathi ulinde isikhathi eside ukuba le project iqale, ukubambezeleka kwayo bekungenxa yokuthi uMasipala waseDannhauser awunalo License yokusabalalisa ugesi. Ngakho-ke, yonke imisebenzi yokufakelwa kukagesi incike ezinqubweni zakwa-Eskom, okubandakanya ukugunyazwa kwephrojekthi, ukwakhiwa kwemidwebo yobunjiniyela, kanye nokuhlangabezana nazo zonke izimfuneko zobuchwepheshe ngaphambi kokuba umsebenzi uqale.
Ekhuluma nomphakathi, uMeya, uKhansela B.A. Radebe, uzwakalise injabulo enkulu ngokubona leli phupho seliqala ukugcwaliseka. Ugcizelele ukuthi akukho mphakathi okufanele usale emuva ekutholeni izidingo eziyisisekelo, wanxusa umphakathi ukuthi usebenzisane nosonkontileka futhi uvikele ingqalasizinda ezokwakhiwa, njengoba ingeyomphakathi futhi izozuzisa nezizukulwane ezizayo.
UMasipala uphinde wathulwa usonkontileka, uMnu. Velenkosini Khumalo, okuzophawula ukuqala ngokusemthethweni komsebenzi wokwakhiwa kwengqalasizinda kagesi eShayamoya.
“It always seems impossible until it’s done.” – Nelson Mandela
Kubantu baseWard 10, la mazwi asephenduke iqiniso. Obekuyiphupho elilindelwe isikhathi eside namuhla seliqala ukugcwaliseka. Le phrojekthi ayigcini ngokuletha ugesi kuphela, kodwa iletha ithemba, isithunzi, amathuba emisebenzi, ukuphepha okungcono, ukuthuthukiswa komnotho, kanye nekusasa eliqhakazile kubantu baseShayamoya.
UMasipala waseDannhauser usaqhubeka nokuzibophezela ekuletheni izinsiza eziyisisekelo, ukuthuthukisa izinga lempilo yabantu, kanye nokwakha imiphakathi eqinile nenentuthuko esimeme.