Emhlabeni

Emhlabeni Uthixo uyohlala ayimpendulo kukona konke okuyinkinga empilweni yomuntu

08/03/2017

Even if you can't answer but nature will answer

18/10/2015

Lwafika usuku lomshado kodwa usisi wayengasakhulumi, engasadli,eseyinto ehlala ilele,sekubonwa ngokusa,
Njengoba basebeshiloke abathile bathi "soke sibone ngoba alikho isoka eladla kahle imbangi ikhala"kwakungahlaliwe kuyiwa ngapha nangapha,sebehlulekile odokotela ukumvusa.kwase kuhlelwe umngcwabo wakhe kwazise kwase kunethuba elele engavuki.balayelwa inyanga eyayakhe ngaphansi kwentaba,baye bayoshaya khona,kwakungekho ukuphumula lapha ekhaya nasemzini ayezoshadela kuwo,izihliziyo zazingamahlwili egazi.bafika kulenyanga bayethulela konke,yathatha izikhwama zayo yahamba nabo belibangise ekhaya kusisi,yafika yema yambuka isikhathi eside yanikina ikhanda yathatha yathi"bizani umfana walapha ekhaya athathe abangani bakhe ababili abanamandla beze lapha bonke",benzenjalo bafika inyanga yabashaya izinhlanga ezimbalwa,yabashunqisela ngezinyamazana ezinzima.wabe esebacela ukuthi ahambe nabo nobaba womuzi malishona ilanga,ngempelake lashona ilanga bahamba,kwathi emveni kokuba sekuhanjwe ibanga elide,wababonisa isihlahla esikhulu wathi makuyiwe kuhlalwe ngaphansi kwaso kulaphoke kuzoqalwa ukwenziwa komsebenzi onzima wokubuyisa usisi,bafika bahlala wabayalela ukuthi bangabe besakhuluma,kuphela balalele azobatshela kona ukuthi bakwenze,wavula isikhwama sakhe wakhipha insizi yezinsizi wabakhothisa wabe esebakhombisa ikloba lomlilo olokoza kudebuduze nalapho babekhona,wathi kubo abafana bobathathu mabahambe bangabheki emuva bayekhona bazothi mase beseduzane nakhona bame,bazobona abesimame ababili abayizanusi bemi omunye ngapha,omunye ngale komlilo,phakathi kwabo kukhona owesithathu abamane benikezelana ngaye bemeqisa lomlilo,bonake baze babale zihlandlu ezintathu lo,wesimame eweqa lomlilo,bese besondela bemdumela bembamba babuye naye beze ngaphansi kwesihlahla.
Ngempela benzenjalo bafika bamcindezelela phansi,"lowo yayinguye uqobo lwakhe usisi"inyanga yabeke isimbamba imvula umlomo imkhothisa insizi,wayekelela wathamba yamshunqisela ngezinyamazana walala ubuthongo,bamthwala bahamba naye baya ekhaya,mabengena esangweni izinja zashaya umkholongwane kwaphuma isikhova esikhulu edlini okwakulele kuyo usisi lo,babembona bemshiye endlini,bangena ngaphakathi bafika itshe lome inhlama engekho,bamangala abafana,bamfaka ngaphakathi bamlalisa esikhumbeni esasendlalwe emsamu,kwaphela iviki engakhulumi,inyanga yaqhubeka nokumelapha waze wasinda,umshado waqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka,(AKEKHO UMUNTU ONAMANDLA OKUTHATHA IMPILO YOMUNTU UNKULUNKULU ENGAVUMANGA,UTHIXO UNENJONGO NGOKUPHILA KWETHU,IZINSUKU ZOMUNTU ZONKE ZAZIWA NGUYE,,,,,,,.)

09/10/2015

Ngehla ngenyuka ngimfunela abameli ukuze aphume kusizi ayekulo,bonke babemchithela izandla ngisho nabegazi lakhe imbala,umama ongumzali wakhe wayekhala kabuhlungu ekude kunaye kungekho ukumsiza,kodwa ngaluthabatha uxanduva njengomama womtanakhe,ngangilwa ngingena nakwezimnyama izindawo ngizama ukumhlenga,ngalowomzuzu wayengasaguli kanje eguliswa istress,ekugcineni ngaphumelela kwimfazo yakhe waphuma kwesimnyama,waba ngumuntu phakathi kwabantu naye,wathola umsebenzi omuhle,ngamzalela ingane yesibili yomfana wazizwa engumuntu,namhlanje bambonile abanamehlo bamemukela abegazi wafudumala,wangiphelela umsebenzi,wangilaxazisa okwamafinyila,ngehlisana ngenyusana naye ezinkundleni zamacala ukuze ondle abantwana bakhe,washaya ngonyawo phansi wathi mangisale ngizibona,ngasalake ngizikhotha amanxeba ngizamela abantwana bethu ukuba balale bedlile,kodwa uThixo esisonka sobomi akazange angilahle,wangithwala ngomsa wakhe,"BABA NKOSI AMATHEMBA AMI AKUWE,BONKE BANGIFULATHELE,KODWA UYAYAZI INTO ONGILUNGISELELA YONA,NGISIZE SOMANDLA,,,,

02/09/2015

Nale engikuyo izodlula,sekwedlule ezingaphezulu kwalena,
Bebekhona abahlobo nabangani,kodwa osizini engikulo bangihlehlele bonke,mangedlula ngakubo bavala iminyango bavule kancane amakhethini bengilunguza kancane,akekho noyedwa osondela azokhala nami,umlomo umhlophe yindlala,umzimba ungangabasemehlweni,indlela ngiybhekise olwandle,
Mangifika ngahlala phansi esihlabathini solwandle,ngalubuka lugubha amagagasi luthukuthela ingathi lixosha mina,kodwa ngalubuka ngalubuza umbuzo",NGABE NGENZENI EMHLABENI MANGILAHLWA NANGUWE"? ehla amagagasi lacweba,ngakhipha iphepha elimhlophe elalinombhalo othi"SALA MHLABA NENTOZAKHO,UBUKHONA BAMI EMHLABENI AKUZANGE KULETHE ZIBUSISO KODWA KULETHE USIZI LWEZINYEMBEZI ZEMIHLA,NGITHATHE LWANDLE UGUBHE NAMI AMAGAGASI NGOBA ANGIZANGE NGIBE NTO YALUTHO EMHLABENI",ngalifaka ngaphansi kwetshe elalisecelani kolwandle,ngalubuka kancane ngamomotheka okwakungathi ngimomotheka okokuqala emhlabeni,ngabheka ngasemuva lapho ngisukakhona,kwehla impophoma yezinyembezi,izinyoni zolwandle zandizela ngaphezu kwekhanda lami kwakungathi zihaya ingoma yomthuthuzelo,ngabheka phambili ngangena kancanekancane kuhle komakoti engena emzini aphakama amagagasi olwandle angisibekela yaphela inhlupheko,
UHAMBO OLUYA KOMKHULU.

UThixo usisonka sobomi
27/07/2015

UThixo usisonka sobomi

11/03/2015

Safika isithunywa seZulu siphethe ngesandla iphepha elimhlophophe eline list yamagama abantu,sangena endlini salishiya saphuma umzuzwana,ngaliphenduphendula kodwa ngathola ukuthi igama lami lusekuqaleni,ngawubheka umndeni wami ngosizi ngalijika ngalibhekisa phansi ukuze igama lami libe sekugcineni,kodwa sabe sesiphelile isikhathi sami,sangena isithunywa salijika salibhekisa phezulu igama lami labasekuqaleni kwakhona,sabe sesithatha sithi"kuthiwa mangizolanda uBusisiwe",ngavuma ngaphakama saphela isikhathi,izinsuku zomuntu emhlabeni zaziwa nguThixo yedwa,noma ngingabaleka kanjani kodwa lukhona usuku engingasoze ngilubalekele,usuku lokugcina lokubonana noThixo wami,,,,,

06/12/2014

Kodwa uThixo esisonka sobomi impilo yami yaqhubeka imazombe injalo,ontanga yami babejabule kodwa mina ngangihlala ngithandaza,ngimcela uNkulunkulu ukuthi adlulise okwakusenqondweni yami,kwabanzima ukuqeda isikolo ngisoloko nginomzwangedwa,ngoba izinto ezibuhlungu ziyafika zedlule empilweni yomuntu,kodwa azipheli enqondweni,yingakho nokuxolela kubanzima.
Namhlanje ngineminyaka engamashumi amathathu anane,kodwa okwenzeka kimi akupheli enqondweni,mangibuka abantu besilisa ngibabona befana nezilwane,akukho noyedwa engimethembayo,ngoba bayakwazi ukushintsha impilo yomuntu ibe ngukukhala nokugedla kwamazinyo,ikusasa liphenduke libemnyama kungabibikho nokuncane ukukhanya
INGABE SIYOKUBALEKELAPHI NA?

26/10/2014

Ngakukhipha ngalala,ngathi mangivuka kwabe sekuhleli unompilo eduze nombhede engilele kuwo,wangichazela ngendlela esimosheke ngayo isibeletho sami,ukuye kwadonsela ekutheni odokotela basikhiphe,umqamelo wawuhlala umanzi zinyembezi,okwathi masengiphumile esibhedlela impilo yami yashintsha kakhulu,ngangenyanya nokunyathela ezitaladini,
Wonke umuntu engimbona ehleka kwakungathi uyayazi into eyenzeke kimi,ngaba nomzangedwa isikhathi eside,ngingakwazi nokuyicacisa ezinkundleni zamacala ngangiphela emzimbeni ngenxa yokucabanga,nakhu nobaba ongizalayo wayengimele ngokungiphoxa engitshela ukuthi le yenzeke kimi kungenxa yokungaziphathi kahle,"INGABE UKUZIPHATHA KAHLE UNGAHAMBI ESITALADINI UZIVALELE ENDLINI UNGAVUMI NOKUTHUNYWA PHANDLE,"imibuzo yayithontelana enqondweni yami pho ngubani owayezoyiphendula ngoba kwakunzima nokukhuluma nabantu,
Kwakunzima ukuhlala ekhaya konke kwakuyizilingo,,,,,

04/08/2014

Ngenxa yobuweek angizange ngikwazi ngisho nokumemeza,ayikho undawa eyayingenanhlungu,wangena umama kulendlu kanye nabahlali ngokulayelwa ngumnikazi weshop owayebonile ngesikhathi lezizigilamkhuba zingihruqa zingishaya ngingakwazi nokwenzani kwazise ngangibuya esibhedlele ngenxa yempilo eyayingenhlanga.omunye walababalisa owayelokhu enqandile kulokukuhlukunyezwa (MYEKENI LOMTANA MNCANE IMIMYAKA ILISHUMI KUPHELA BAFOWETHU) kwabanhlanga zimuka nomoya,kwathi ukuba ezwe umsindo wabantu phandle wakhwela phezu kwami walingisa engathi wenza lebiyenziwa ngabanye,ngezwa engiqinisa isandla engifumbathisa isikhiya,kuphike ngithe natsha embhedeni ngingenamandla,walayita ipipe elalinokuthile phakathi wathi mazishe madoda mazisasha kanjalo ngavuka ngashona emnyango ngizama ukuvula umnyango uyakhatshwa phandle
Kwabe awuvulekanga angiwazi amandla mgawathathaphi okubaleka ngalandlela,nginqunu nginjalo inqondo yayingasebenzi,ngayozifaka ehlathini eliseduzane namancwaba kwabe kuphelile ngami.
Ngiphaphama e ICU ngizwa kancane kumenyezwa igama lami,ngasabela (MAMA)
Nesi;usesibhedlala cc
Mna;why
Nesi;lala kancane ukhona umuntu ozokhulumisana nawe,ungazami ukuphakami ngiba uhlinziwe,zama ukukhipha lokhu okusemlonyeni ke sthandwa.

Address

Cape Town

Telephone

+27826457798

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Emhlabeni posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Emhlabeni:

Share

Category