08/06/2026
Zingane zethu eMkhondo naseMzansi
Please! Phumani ebugebengwini, abukhokheli. Into eyenzakalayo ukuthi ufa umncane noma uboshwe ube ne criminal record. Abazali bakho uyabahlukumeza kanjalo. Ukukhala komzali wakho ngenxa yokuganga kwakho kuwukuziqalekisa wena uqobo. Izitha zakho nabantu obagangelayo basengalimaza abazali bakho nabantu bakini ngenxa yokuganga kwakho. Vikela umndeni wakho ngokuthi uziphathe kahle, uye eskolweni, ungalovi, uhloniphe.
Baningi abantwana abake bayenza lento oyenzayo, bayazisola manje. Abanye baboshiwe bayeka iskole. Abanye sebaphumile manje akusabuyeleki eskolweni bayoqhubeka nemfundo yabo. Abanye abazali babo bakhala baze bagula bashona bekhala ngenxa yokuhlushwa ngabantwana babo bengalaleli ekhaya naseskolweni.
Ithuba lisekhona. Shintshani manje. Sebenzisani amakhono wenu eninawo kunokuthi nenze ubugebengu. Dlalani ibhola, culani, yenzani ama poems, ninake nezincwadi zeskolo. Maningi amathuba eninawo okwenza imali ngendlela e right e South Africa. Sikhona ukunelekelela.
Umlayezo kini bazali: Ningasithinta bazali uma bevuma abantwana ukuthi bazosebenzisana nathi ukushintsha impilo yabo. Bancengeni ukuthi bavume sifike sizokhuluma nabo.
Call or WhatsApp: 068 137 0283 noma 073 4256 087
abaholi baksasa
isematholeni.