11/04/2026
UMASIPALA WASEMKHONDO UYAQHUBEKA NGOQHUNGEQHUNGE LWEMIHLANGANO YAWO YOHLELO LWENTUTHUKO YOMPHAKATHI EDIDIYELWE KANYE NOKUBONISANA NGESABELOMALI SONYAKAZIMALI KA 2026-2027, EMABOLA KUSIGCEME 03
UMasipala waseMkhondo ubambe umhlangano wawo woHlelo Oludidiyelwe Lwentuthuko Yomphakathi (IDP) kanye neSabelomali zika 2026-27 namuhla, 11 kuMbasa 2026, eSikhungweni iEldery Club kusigceme 03.
Lomhlangano ubuphethwe yiKhansela lesigceme, uKhansela M.N Mbatha.
Inhloso nqangi yomhlangano bekuwukuxoxisana nomphakathi mayelana nezidingo zawo, ukulethwa kwezinsiza okuhambisana nokusemqulwini we-IDP, kanye nokubuyekeza ukwengeza i-IDP endlule.
Akugcinanga lapho kulomhlangano kuphindwe kwaxoxwa ngeSabelomali kanye nokuningi okuphathelene nentela.
Ngesikhathi somhlangano amalungu omphakathi anikezwe ithuba lokuzwakalisa izikhalo zawo futhi anikeze imibono mayelana nokulethwa kwezinsiza ngaphakathi kwesigceme.
Lomhlangano ubuhanjelwe izisebenzi ZikaMasipala, Amalungu eKomidi lesigceme, kanye nabasebenzi bokuThuthukiswa koMphakathi.