Umasipala Wasenquthu

Umasipala Wasenquthu Local news ,community information ,complains and suggestions

The purpose of the page is to provide Nquthu Municipality Service Delivery News, receive complains and suggestions.

07/09/2026

ISAZISO ESIBUYA KWA TRAFFIC

kucela Kala abantu abavuselela ama drivers licence ezinyangeni ezidlulile kugcine early August ukuthi bazolanda amalicence abo asekhona ezindlini zakwa Traffic ezansi kwasesibhedlela uma ngabe uya ngaseziNkondwaneni.

Namuhla, uMnyango wakwaSASSA eNquthu, ngokubambisana noMasipala waseNquthu, ubuvakashele indawo yakwaNgedla ngenhloso yo...
04/09/2026

Namuhla, uMnyango wakwaSASSA eNquthu, ngokubambisana noMasipala waseNquthu, ubuvakashele indawo yakwaNgedla ngenhloso yokufundisa nokwazisa umphakathi ngezinhlelo zezibonelelo zikahulumeni kanye nezinsiza ezitholakala kuhulumeni.

Lolu suku oluyingqayizivele luhlanganise iminyango nezikhungo zikahulumeni ezahlukene, okubalwa kuzo i-GCIS, COGTA, IEC, uMnyango Wezobulungiswa (DoJ), uMnyango Wezempilo (DoH), EDTEA kanye ne-EasyPay. Lokhu kube yithuba elibalulekile lokusondeza izinsiza zikahulumeni kubantu, kubhekwane nezidingo zabo ngqo emphakathini.

UKhansela Zandile Ndlovu waseNquthu uzwakalise ukubonga okukhulu ngalolu hlelo, egcizelela ukubaluleka kokuthi uhulumeni usebenze eduze nomphakathi ukuze uqinisekise ukuthi izakhamuzi ziyazazi futhi ziyakwazi ukufinyelela ezinsizeni nezinhlelo ezikhona.

Lolu hlelo luphinde lwaba negalelo elikhulu ekugubheni iNyanga Yezinkonzo Zomphakathi (Public Service Month), okuyisikhathi sokukhumbuza bonke abasebenzi bakahulumeni ngokubaluleka kokusebenza ngokuzinikela, ngobuqotho nangokubeka izidingo zomphakathi phambili.

Namuhla umkhandlu waseNquthu oholwa umhlonishwa ukhansela  IL Shabalala uhambele kwaward 1 and10 uyodlulisela izinqalazi...
03/09/2026

Namuhla umkhandlu waseNquthu oholwa umhlonishwa ukhansela IL Shabalala uhambele kwaward 1 and10 uyodlulisela izinqalazizinda.

Kunikezelwe ngokusemthethweni inkulisa iThokoza emphakathini wakwa ward 10 kwaphinde kwadluliselwa no mgwaqo uMatshana kwa ward 01
Inkulisa lena inama toilet ashaywayo ngakho ifakwe neborehole ezophinde isize umphakathi ngamanzi, njengoba kufakwe nompompi ngaphandle kwenkulisa.

Kuzona zombili lezindawo kuphinde kwahlomuhla amalunga omphakathi ngama food vouchers ezokwazi ukuxosha ikati eziko.

Kwa ward 10 bahlomule ngama voucher angu (35) angamashumi amathathu nanhlanu kwathi kwa ward 01 , bahlomula ngama voucher angamashumi amabili (20) .

I voucher ngayinye eyenani lika R1000.

Umkhandlu waseNquthu umukele I water tanker enikelwe umnyango wakwa COGTA ukuthi izolekelela  eNquthu.
02/09/2026

Umkhandlu waseNquthu umukele I water tanker enikelwe umnyango wakwa COGTA ukuthi izolekelela eNquthu.

Namuhla e VA Makhoba Hall umkhandlu waseNquthu ngokubambisana nabalaphi bendabuko babungaze  ukusetshenziswa kwamakhambi...
28/08/2026

Namuhla e VA Makhoba Hall umkhandlu waseNquthu ngokubambisana nabalaphi bendabuko babungaze ukusetshenziswa kwamakhambi esintu, kanye nokwelapha izifo ezinhlobonhlobo ngendlela yesintu.

Lolusuku lubungazwa I -Afrika yonkanga, olubizwa nge-African Traditional Medicine Day Celebration.

Lomcimbi ubuhanjelwe I Dept of Health, KZN Wild Life, Dept of Arts, Sports and Culture kanye Dept of Economic Development.

Namhlanje umkhandlu waseNquthu ngokubambisana nabalaphi bendabuko bazobe bebungaza ukusetshenziswa kwamakhambi esintu. I...
28/08/2026

Namhlanje umkhandlu waseNquthu ngokubambisana nabalaphi bendabuko bazobe bebungaza ukusetshenziswa kwamakhambi esintu.

Indawo lapho kuzobakhona lombungazo isish*tshile sekuzokuba se VA Makhoba Hall.

Namuhla umkhandlu waseNquthu udlulisele izinsiza kusebenza zama Salon abuya kuwona ongu 19 amawadi ngaphansi kohlelo lwe...
25/08/2026

Namuhla umkhandlu waseNquthu udlulisele izinsiza kusebenza zama Salon abuya kuwona ongu 19 amawadi ngaphansi kohlelo lwe Youth in business development program.

Lokhu kwenzeke namuhlanje e VA Makhoba Hall. Kuhlomule amasalon amane (4) I wadi ngayinye . Izinto ezohlomuliwe kubalwa I hairdryer enkulu kanye nalena yesandla, umshini wokomisa umangabe ufaka izinzipho kanye nebhokisi elinezinto zokufaka izinzipho.

Umkhandlu waseNquthu ngokubambisana nabalaphi bendabuko baseNquthu bazokuba nombungazo wokubungaza ukusetshenziswa kwama...
25/08/2026

Umkhandlu waseNquthu ngokubambisana nabalaphi bendabuko baseNquthu bazokuba nombungazo wokubungaza ukusetshenziswa kwamakhambi esintu.

Namhlanje umkhandlu waseNquthu uzodlulisela izinziza kusebenza zama Salon angu 19 ahlonziwe abuya kuwona wonke amawadi. ...
25/08/2026

Namhlanje umkhandlu waseNquthu uzodlulisela izinziza kusebenza zama Salon angu 19 ahlonziwe abuya kuwona wonke amawadi.

Loluhlelo lizokuba se VA Makhoba Hall.

Namhlanje umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala ubuvala uhlelo lokuhambela amawadi uhambisakuban...
18/08/2026

Namhlanje umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala ubuvala uhlelo lokuhambela amawadi uhambisakubantu ebantwini oluqalwe mhlaka 27 July kuhanjelwa amawadi ahlukahlukene kudluliselwa isinqalazizinda kuphendulwa namasoyi.

Namhlanje ivalwe kwa ward 16 lapho bekuyodluliselwa khona inkulisa I Simunye kube sekudlulelwa e wadi 17 lapho khona bekuyodluliselwa umgwaqo I KwaBiya kuzozombili llezindawo umhlonishwa ubekade ephethe ama Voucher angu 20 indawo ngayinye enani lika R1000.

Kuloluhlelo kuhlomule imizi engu 40 ekwazile ukulala ixoshe ikati eziko.

Address

Lot 83/10 Mdlalose Street
Nqutu
3135

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:15
Tuesday 07:30 - 16:15
Wednesday 07:30 - 18:15
Thursday 07:30 - 16:15
Friday 07:30 - 12:00

Telephone

+27342716100

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umasipala Wasenquthu posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Umasipala Wasenquthu:

Shortcuts

Share