Dr Nkosazana Dlamini Zuma Municipality News

Dr Nkosazana Dlamini Zuma Municipality News Established by the amalgamation of Ingwe Local Municipality and KwaSani Local Municipality on 3/8/16

14/09/2026
Asihlangane kusasa sizwe izindaba ezizothuthukisa imiphakathi yethu.
14/09/2026

Asihlangane kusasa sizwe izindaba ezizothuthukisa imiphakathi yethu.

UMCIMBI WOKUVALELISA IZINTOMBI ZASE-DR NKOSAZANA DLAMINI-ZUMAIzintombi zaseDr Nkosazana Dlamini-Zuma Local Municipality ...
11/09/2026

UMCIMBI WOKUVALELISA IZINTOMBI ZASE-DR NKOSAZANA DLAMINI-ZUMA

Izintombi zaseDr Nkosazana Dlamini-Zuma Local Municipality namuhla zibe nomcimbi wokuvalelisana eBulwer Art Centre, ngaphambi kokuba zilubhekise emashobeni lapho zizohlanganyela khona emkhosini womhlanga.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yiSekela Meya kaMasipala, uKhansela Kholeka Hadebe, ehambisana noKhansela NC Dlamini, abebefisela lezi zintombi uhambo oluhle noluphephile njengoba zilubhekise emcimbini obalulekile.

Ekhuluma nalezi zintombi, ubuholi bukaMasipala bukhuthaze ukuthi ziziqhenye ngobuntombi bazo, amasiko kanye namagugu esizwe, futhi zimele uMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma ngesithunzi nangesizotha.

UMasipala ufisela zonke izintombi uhambo oluhle oluya emashobeni, uphinde uzifisele impumelelo emkhosini womhlanga.

Kwangathi zingafika ziphephile futhi zibuye ziphephile, ziqhubeke nokuba yisibonelo esihle sokuhlonipha nokugcina amasiko esiZulu.
Ngokubambisana sakha imiphakathi engcono.

Please Save The Dates.
10/09/2026

Please Save The Dates.

Dr Nkosazana Dlamini Zuma Cultural Competitions
10/09/2026

Dr Nkosazana Dlamini Zuma Cultural Competitions

Imitapoyolwazi yase Dr Nkosazana Dlamini Zuma, ibungaza usuku lwe Literacy olubungazwa iminyaka yonke emhlabeni wonke. N...
09/09/2026

Imitapoyolwazi yase Dr Nkosazana Dlamini Zuma, ibungaza usuku lwe Literacy olubungazwa iminyaka yonke emhlabeni wonke. Ngokwenza i umncintiswano wesigaba sesibili we banga Lesine (Grade 4) lapho sifunda ngokuqondisisa, kanye nezikole ezilandelayo.

Somangwe,Mzwendaba,Nkwezela, eNkelabantwana,Phonsimbi, Mashayilanga, Thanduxolo, Kumkani, Creighton, Bhidla, Lubovana, Blessed Luanda, Michael M Shelembe, Luhana, uMqatsheni, ENkumba kanye no Mjila Primary School.

Day 2 OF THE DR NKOSAZANA DLAMINI ZUMA MUNICIPALITY BOYS CAMP UMnyango Wezinsizakalo Zomphakathi (Community Services) ng...
08/09/2026

Day 2 OF THE DR NKOSAZANA DLAMINI ZUMA MUNICIPALITY BOYS CAMP

UMnyango Wezinsizakalo Zomphakathi (Community Services) ngaphansi kukaMasipala wase Dr Nkosazana Dlamini Zuma uhlele ngempumelelo ikhempu yabafana ethatha izinsuku ezintathu e-Glencairn.

Le khempu imayelana nokufundisa nokulungisa abafana bethu ukuba babe ngamadoda amahle futhi anesimilo esihle esizweni. Kugxilwe kakhulu ezindabeni zokuziphatha, ukuhlonipha, ukuzithemba, impilo yengqondo, ukugwema izidakamizwa kanye nokuhlonipha abantu besifazane.

Ababambisene nathi kulo msebenzi omuhle singabala:

1. DoE delegates from all high schools ranging from grade 9 upwards. CMC Manager Ms TG Dlamini and Centocow circuit
2. Bright futures organisation's and Ibutho labesuthu Mr Zamo Memela
3. Chairperson of district indigenous games Mr Mlondi Magoso
4. Fanele Sbonge Mr Sanele Ngobo
5. Mr Siyanda Mkhize PEC indigenous games
6. IPhupho Connect Mr Siyethemba Ndlovu

Sibonge kakhulu kulabo ababambisene nathi ngokusipha ulwazi olubalulekile oluzosiza abafana bethu ekukhuleni kwabo.

Lo mcimbi ukhuthazwe kakhulu ubuholi bukaMasipala, lapho kube khona khona amakhansela kanye nezikhulu zikaMasipala ezize mgokuzoseka lolu hlelo futhi zakhuthaza abafana ngokubaluleka kokuziphatha kahle emphakathini.

NjengoMasipala wase-Dr Nkosazana Dlamini Zuma sithi, uma ufundisa umfana, ufundisa isizwe sonke!

Sibonga bonke abazali kanye nothisha abavumele abantwana/abafundi babo ukuthi babe yingxenye yalolu hlelo.

UMEYA WETHULE NGOKUSEMTHETHWENI IHHOLO LOMPHAKATHI LASEGLENMAZEIMeya kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uKhansela Si...
03/09/2026

UMEYA WETHULE NGOKUSEMTHETHWENI IHHOLO LOMPHAKATHI LASEGLENMAZE

IMeya kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uKhansela Sindisiwe “Majobe” Msomi, wethule ngokusemthethweni umceceke wehholo lomphakathi laseGlenmaze, ngaphansi kukaWadi 14.

UMeya ubehambisana neSekela Meya, uKhansela Kholeka Hadebe, uKhansela W. Mtolo kanye noKhansela Basil Ntshiza.

Indawo yaseGlenmaze ibisihlale isikhathi eside ingenalo ihholo lomphakathi, nokuyinto ebiyinselelo enkulu kubahlali bendawo.

Nokho, namuhla bekugcwele injabulo kubahlali njengoba sebethole ingqalasizinda ebalulekile ezosetshenziswa ukwenza imihlangano, imicimbi kanye neminye imisebenzi ebalulekile yomphakathi.

Amalungu omphakathi abebambe iqhaza futhi esebenza ngesikhathi kwakhiwa leli hholo nawo ahlomulisiwe ngezitifiketi zokubonga umsebenzi wawo, ukuzinikela kanye negalelo elikhulu alibambile ekwakhiweni kwale ngqalasizinda yomphakathi.

Ukuvulwa kwaleli hholo kuwubufakazi bokuzibophezela kukaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma ekuqhubekeni nokuletha ingqalasizinda edingekayo kanye nokuthuthukisa izimpilo zemiphakathi.
Ngokubambisana sakha imiphakathi engcono.

UMEYA WETHULE NGOKUSEMTHETHWENI I-EKUPHOLENI CRECHENgelwesithathu, mhla zi-2 kuMandulo 2026, uMeya kaMasipala iDr Nkosaz...
02/09/2026

UMEYA WETHULE NGOKUSEMTHETHWENI I-EKUPHOLENI CRECHE

Ngelwesithathu, mhla zi-2 kuMandulo 2026, uMeya kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uKhansela Sindisiwe “Majobe” Msomi, wethule ngokusemthethweni inkulisa i-Ekupholeni Creche eNkelabantwana, ngaphansi kuka wadi 11.

UMeya ubephelezelwa yiSekela Meya, uKhansela Kholeka Hadebe, uKhansela Basil Ntshiza kanye noKhansela Xolani Zamisa.

Ukwethulwa kwale nkulisa ngokusemthethweni kuwubufakazi bokuzibophezela kukaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma ekuthuthukiseni izindawo zokufundela izingane ezincane kanye nokuqinisekisa ukuthi izingane zomphakathi zithola indawo ephephile, enakekelayo nefanele yokufunda nokukhula.

Le ngqalasizinda izophinde ibe negalelo elikhulu ekuthuthukiseni imfundo yezingane zisencane, ibeke isisekelo esiqinile lekusasa eliqhakazile lezingane kanye nomphakathi waseNkelabantwana.

Amalungu omphakathi abekade esebenza ngesikhathi kwakhiwa leli hholo nawo ahlomuliswa ngezitifiketi zokubonga umsebenzi wawo nokuzinikela kwawo ngesikhathi kwakhiwa le ngqalasizinda yomphakathi.
Ngokubambisana sakha imiphakathi engcono.

Address

Main Street Creighton
Creighton
3263

Telephone

+27398331038

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Dr Nkosazana Dlamini Zuma Municipality News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share